UMQEQESHI waMaZulu FC, uRomain “Fohloza” Folz, akazimisele ukuvumela ukuphazanyiswa yilaba abalokhu begxile erekhodini lakhe lokuthi, kuze kube yimanje usayizwa ngendaba iwini kusukela efikile kwiPremier Soccer League (PSL).
UFolz uphinde wangawina okwehlandla lesishiyagalombili emidlalweni ehlanganisa yonke imiqhudelwano kusukela efikile kuleli maphakathi no-2022 esuka kwiTownship Rollers yaseBotswana.
Lo mqeqeshi odabuka kwelaseFrance, ufikele kwiMarumo Gallants ashayele umkhumbi wayo ibhekene neStellenbosch FC, Richards Bay FC, Lamontville Golden Arrows neRoyal AM bonke acazelane nabo amaphuzu wase eshaywa i-Orlando Pirates kowodwa.
Ushiyile kwiGallants njengoba esekuMaZulu nakhona afike wacazelana khona ngamaphuzu nePirates, Maritzburg United neGallants koweligi obungoLwesithathu weDStv Premiership ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Baphinde bambana ngo 0-0 neKaizer Chiefs kowomlenze wesibili kowandulela owamanqamu weMTN8 ngempelasonto edlule.
Yize lithembisa ibhola elidlalwa ngamaqembu aphekwa uFolz kodwa kulokhu kumhleli njengechashazi elidunga ubuhle bomsebenzi wakhe, ukuthi kuze kube imanje akakawini.
Ngemuva kokubambana neGallants ngoLwesithathu ebusuku, lo mqeqeshi uthe, bekuwumphumela ofanele ukuthi bacazelane ngamaphuzu kodwa abamgxeka ngokuba ngumqeqeshi ongawini ngeke azikhathaze ngabo.
“Ngeke ubavimbe abantu kwabakushoyo kodwa ngicabanga ukuthi nokushaywa umdlalo owodwa kuphela nakhona kungafanele, kufanele kubalwe uma kukhulunywa ngokungawini kwami,” kusho uFolz ekhuluma nethimba labezindaba laMaZulu.
“Ngisasho namanje, okusemqoka kimina ukuqinisekisa ukuthi AmaZulu ayiqembu eliqine ngayo yonke indlela ongayicabanga.
“Engikufisayo wukwakha iqembu wonke amanye azonqena ukudlala nalo. Okwemiphumela kuyozenzekela ngesikhathi sakho,” kusho uFolz.
Akazi lo mqeqeshi ukuthi bekwenzenjani kubadlali bakhe esiwombeni sokuqala kodwa uthe angakhuluma nabo ngekhefu, bavuka bama ngezinyawo bonke.
“Siyalamukela leli phuzu yize kungemnandi kodwa uma uzokhumbula udaka esilushaye esiwombeni sokuqala, mhlawumbe bekufanele umphumela ubenje.
“Kuningi ebesingakwazi ukukwenza esiwombeni sokuqala kodwa sakulungisa kwesesibili. Akulona iphuzu elijabulisayo kodwa futhi aliphoxi kangako,” kusho lo mqeqeshi omncane kunabanye abadlali boSuthu.
Esesonga uFolz uthe, amaphutha abawenze ePolokwane, bazowalungisa ngeSonto ntambama uma sebevakashelwe iStellenbosch FC, eKing Zwelithini Stadium koweligi ngo-3.30 ntambama.