INHLOKO yenkulisa kuMaZulu, uCelokuhle Mbanjwa, ifisa ukuthi asale esezinza phesheya umgadli osemncane woSuthu, u-Aphiwe Buthelezi oqokelwe esikwatini esikhethekile sika-Under-19, iFC Bayern World Squad.
UButhelezi (16), odabuka KwaMashu, wagqama ngesikhathi edlalela isikole sakhe, iNqabakazulu High School, kwiBayern Youth Cup nyakenye, wagcina efakwe esikwatini esamela elakuleli emqhudelwaneni owawuseGermany.
Nakhona wafika wenza ezibukwayo waze waqokwa njengomdlali ovelele kulo mqhudelwano owawuseMunich ngo-Okthoba, wazibekisela nendawo eqenjini labadlali abangu-23 eliphesheya njengamanje.
IFC Bayern World Squad ihlanganise abadlali abasebancane abahamba phambili emhlabeni kanti iqeqeshwa yinkakha yomgadli owake wagijima kwiBayern nakwamanye amaqembu afana neDeportivo La Coruna neFeyenoord, uRoy Makaay.
Iqembu liqale ukuzilolonga eMunich ngeSonto ngaphambi kokulibhekisa e-USA lapho lizodudulana khona namaqembu ahlukene ngaphambi kokudlala owokugcina neqembu lika-Under-19 leBayern Munich.
“Sijabule kakhulu futhi siyaziqhenya ngo-Aphiwe ngoba akuyona into encane ukuthi umdlali oneminyaka engu-16 afakwe eqenjini lika-Under-19 elihlanganise abadlali abaphuma emazweni ehlukene emhlabeni,” kusho uMbanjwa.
“Sikholwa wukuthi izinga asefike kulona lizovula iminyango kuyena kanye nakwabanye abadlali esinabo ngaphansi kwenkulisa yethu. Sincoma nokuzikhandla kwakhe nosekuholele ekuthini afinyele eqenjini lethu ebelidlala kwiDStv Diski Challenge kule sizini ephelile, waphinde wamenywa nasekhempini yeqembu lesizwe lika-Under-20 ngoMashi.
“Ukugqama kwakhe emqhudelwaneni wokuqala phesheya kwenze umehluko omkhulu kuyena nabanye abadlali bamaqembu ethu amancane. Ulitholile nethuba lokuziqeqesha neqembu lethu elikhulu lapho eshiye khona abaqeqeshi bengawuvali umlomo.”
Kubadlali asebeke baba yingxenye yalolu hlelo lweBayern phambilini, uJose Mulato waseColombia, wathathwa yiqembu lase-USA elalinobudlelwano neBayern, iFC Dallas, kwathi isitobha saseNigeria, uDaniel Francis, sasayina inkontileka neBayern uqobo.
UMbanjwa uthe kuyisifiso sabo njengeqembu ukuthi uButhelezi alandele ezinyathelweni zalabo asebekwazile ukuthola amadlelo aluhlaza, aphakamise igama laMaZulu.
“Okumqoka kithina ukuthi angabe esabuya kwiBayern, athole ithuba lokuziveza khona. Uma kwenzeka ebuya sihlose ukuthi aphinde azilolonge neqembu elikhulu uma selilungiselela isizini entsha, nokuzombeka ethubeni lokuthi asheshe abonakale eqenjini lethu elikhulu,” uqhube kanje.
“Bonke abaqeqeshi asesebenze nabo bayaziqhenya kakhulu ngendlela azimisele ngayo futhi siyiqembu silindele lukhulu kuyena.”
Kulo nyaka iFC Bayern World Squad izobhekana namaqembu amancane e-Inter Miami ne-DC United kwi-The Soccer Tournament (TST) eNorth Carolina. Izodlulela eNew York ngaphambi kokubhekana nelika-Under-19 leBayern Munich.
Nyakenye iFC Bayern World Squad yenza kahle ngesikhathi inqoba iBayern ngo 1-0 ekubeni iqembu elalihlanganiswe ngo-2022 laxetshulwa ngo 4-0.