MANCHESTER CITY v MANCHESTER UNITED
E-Etihad Stadium, eManchester, ngeSonto ngo-5.30pm, ku-SS3
YIZE zisayiphika izinto kule sizini iManchester United kodwa kuyaziwa ukuthi uma ihlangene nomkhaya wayo, okuyizimbangi zayo iManchester City kuhlale kunesasasa kubalandeli bamaqembu nabathandi bebhola, okubalwa namaphanta.
Ngesizini edlule ka-2022/2023 ye-English Premier League, iManchester City igiye ngo 6-3 phezu kweManchester United kowomzuliswano wokuqala wesizini kwathi ngowesibili iMan United yabuyisa izinduku inqoba ngo 2-1.
Nokho iMan City ikhombisile ukuthi isefomini engcono, yavala isizini edlule ngokuvulela isibhaxu kwiMan United inqoba ngo 2-0, kowamanqamu eFA Cup.
Nasemzuliswaneni wokuqala kwesizini iMan City iphinde yakhonya ivulela isibhaxu sika 3-0, e-Old Trafford, njengoba seziyotholana phezulu kusasa emzuliswaneni wesibili e-Etihad Stadium.
Yize kwabanye iMan City ibukeka iwadinga kakhulu amaphuzu kulo mdlalo ngoba ijahana eduze neLiverpool esicongweni se-log yePremier League. Keph iMan United iwadinga ngokufanayo amaphuzu ukuze ithi ukuxaxamba kancane kule ndawo yesithupha ekuyona kwi-log kumanje.
Ngaphandle kwalokho, i-The Red Devils idinga ukubuyisa isithunzi sayo kowomkhaya baseManchester, yize ebukeka emfimfa amathuba ayo okulwela isicoco sePremier League, kule sizini esima maphakathi.
Iqembu lase-Old Trafford elicijwa ngu-Erik ten Hag, liphume ekuseni kwi-Uefa Champions League ngesizini ephezulu. Kepha lisenethuba lokulwela ukuqeda endaweni engcono kwi-log yePremier League ukuze liphinde lizibekisele indawo emqhudelwaneni nangesizini ezayo. Ngesinye sezizathu esenza liwadinge kakhulu amaphuzu emdlalweni womkhaya.
I-The Citizens engompetha abavikela isicoco sePremier League, isesembangweni oshisa phansi wesicoco neLiverpool, ne-Arsenal yilokho futhi okwenza iwadinge kakhulu amaphuzu kulo mdlalo ukuze ingasali emjahweni.
Kanti ukubuya kwesethenjwa somgadli u-Erling Haaland, ngesivuthevuthe ekulimaleni, nakho kubukeka kuyikhubalo elikhulu kwezikaPep Guardiola.
UHaaland wansondo cishe usefana nenunu ezitobheni zeThe Red DevIls ngoba usehlohle amagoli amahlanu ebhekene naleli qembu, kusukela ngesizini edlule ehlohla amathathu beyixebula ngo 6-3 kowomlenze wokuqala wangesizini edlule, waphinda wahlohla amabili kowomlenze wokuqala wale sizini i-The Citzines ibhaxabula i-The Red Devils ngo 3-0 ngo-Okthoba e-Old Trafford.
Imidlalo ye-English Premier League:
NgoMgqibelo - Ngo-5pm:Brentford v Chelsea; Everton v West Ham; Fulham v Brighton; Newcastle v Wolves; Nottingham Forest v Liverpool; Spurs v Crystal Palace
Ngo-7.30pm: Luton v Aston Villa
NgeSonto - Ngo-3pm: Burnley v Bournemouth
Ngo-5.30pm: Manchester City v Manchester United
NgoMsombuluko - Ngo-10pm: Sheffield United v Arsenal