WONKE amathemba uFadlu Davids ongumqeqeshi weMaritzburg United, usewabeke komkhaya bakhe, iLamontville Golden Arrows nakwiSwallows ukuthi bamgcine kwiDStv Premiership.
NgoLwesibili, iTeam of Choice ibambane nompetha beligi iMamelodi Sundowns ngo-1-1. Kuyiwe kulo mdlalo iMaritzburg isemsileni ngamaphuzu awu-29.
Ibilingana ngamaphuzu neChippa United neMarumo Gallants behlukaniswe amagoli. Iphuzu elithole kwiSundowns iliyinyusele kweyesi-14 ngamaphuzu awu-30.
Ukuze ingayi ehlathini noma kweyokuhlunga kuzomele ngoMgqibelo, i-Arrows ishaye iChippa neSwallows yenze okufanayo kwiMarumo Gallants.
UDavids obuyele kwiMaritzburg ngoNovemba, wanyakenye, emuva kokushiya kukaJohn Maduka, uthe okumnika ithemba ukuthi i-Arrows neSwallows balwela ukusonga isizini ka-2022/23 bekwi-Top 8.
Abafana Bes'thende bakweyesishiyagalombili ngamaphuzu awu-37. Izinyoni ezinamaphuzu afanayo zikweyesishiyagalolunye.
NgoMgqibelo, ngo-3 ntamabama, iSwallows neMarumo bazodlalela eDobsonville bese i-Arrows neChippa babhekane eNelson Mandela Bay Stadium ngesikhathi esifanayo. UDavids uthe le midlalo kumele ikhonjiswe kanye kanye kwithelevishini.
“Angisabi nakancane ukuthi i-Arrows neSwallows bazosinika imiphumela engase isishovela ehlathini. I-Arrows iyiqembu iphinde ibe nabadlali abawenza ngendlela umsebenzi. Emidlalweni edlule, iSwallows itshengise ukulenyusa izinga. Bobabili bafuna ukuqeda kwi-Top 8.
“Lokhu kungaba yinto enhle kubona. Ngiyabathemba osihlalo bamaqembu (uMato Madlala we-Arrows noDavid Magashoa). Kuyiko nje ukuthi thina sidlale kuqala, sesilinde imiphumela yale midlalo,” kubeka uDavids kwabezindaba ngemuva komdlalo.
Uthe iphuzu abalithole kwiSundowns belibalulekile kwazise iningi belibona sebevele bedliwe yizembe.
“Izembe liqale ukusinyonyobela sishaywa iSundowns ngo-5-0 ne-Arrows ngo-2-0. Ngibe sengifika iqembu linamaphuzu awu-11. Sinqobe imidlalo embalwa kodwa laqhubeka nokusizingela. Emdlalweni waMaZulu nakoweKaizer Chiefs singenelwe amagoli ngasekupheleni kwemidlalo. KoweSekhukhene sibulawe ukuthola komdlali wethu ikhadi elibomvu.
“Kuningi nje okusiphazamisile. Konke kulele emqondweni. Sinabadlali abasebancane ongeke uvele ushintshe imiqondo yabo ngokushesha kodwa kumele ulandele imigidu efanele. Isifundo esisitholile ngesokungavumi ukungenelwa amagoli ekugcineni. Kulesi simo ngeke usole abadlali ngabodwa, siyiqembu.“
Iqembu elizoqeda kunombolo-16 lizokwehlela kwiMotsepe Foundation Championship, elikunombolo-15 lizodlala eyokuhlunga neCape Town Spurs neCasric Stars abaqede endaweni yesibili neyesithathu kwiChampionship.
UDavids uthe nakuba engafuni ukukhuluma ngeyokuhlunga kodwa uma kwenzeka beya kuyona bazozibamba ziqine.
Uphinde wangafuna ukwenaba ngezingqinamba afikele kuzo kuleli qembu.
“Ngebhadi ngeke ngiphawule ngezingqinamba zeMaritzburg eziqale eminyakeni emine edlule. Ngizokhuluma ngazo embikweni wami ekupheleni kwesizini. Sesiqalile ukubonisana ngalo mbiko. Okunye okungenza ngingandi ukuthi mhlawumbe isekhona imidlalo esisazoyidlala,” kuqhuba uDavids ozincoma ngokulingisa okuningi selokhu ebuyele eMphithi.
Selokhu iMaritzburg yathenga ngo-2005/2006, isitifiketi seTembisa Classic sokudlala esigabeni esikhulu, ambalwa amasizini ewajabulele. Kweka-2006/07 idliwe izembe yakwazi ukubuya kweka-2008/09. Eqede kuwo kwi-Top 8 eka-2014/15, 2016/17, 2017/18 nakweka-2019/20.