USAHLALELE ethembeni lokuthi likhona iqembu elizomthatha umdlali wasesiswini odedelwe yiKaizer Chiefs ekupheleni kwesizini edlule, uKeagan Dolly.
UDolly (31) ungomunye wabatshelwa ukuthi abekho ezinhlelweni zaleli qembu zesizini entsha ehambisana noSifiso Hlanti, Njabulo Ngcobo noSiyethemba Sithebe.
UNgcobo usesayiniswe yiSekhukhune United kanti uSithebe usejoyine iRichards Bay FC.
Kwale kancane ukuthi uDolly athathwe yiSuperSport United kodwa ngokuhamba kwesikhathi Amatsatsantsa anquma ukusayinisa uVincent Pule odedelwe yi-Orlando Pirates.
“Akulula ukuhlala eceleni ubukele ozakwenu bedlala, bejabulela ukusebenzisa ithalente abanalo. Ngike ngakubona lokho phambilini ngisadlalela iMontpellier eFrance lapho ngaphuka khona umlenze ngaphinde ngalimala kwezinye izindawo,” kusho uDolly engxoxweni abe nayo neMarawa Sports Worldwide.
“Ngike ngahlala ngingadlali nakuChiefs ngenxa yokulimala kodwa ngiwumqemane manje. Akumnandi ukungadlali kodwa ngicabanga ukuthi indlela engesekwa ngayo ekhaya nethemba enginalo kuzongisiza ngibuye.
“Okwamanje sisalindile nje. Sivuleleke kunoma yiliphi iqembu elibona sengathi ukhona umehluko engingawenza, elihambisana nalokhu engikufunayo nalokho okuzosebenzela umndeni wami. Ngisafuna ukudlala ezingeni eliphezulu kuze kube umzimba wami ungitshela ukuthi sekwanele.”
UDolly unombono wokuthi iminyaka yakhe yobudala, umlando wokulimala kanye namahlebezi okuthi ubeyikha ngamafosholo imali kwiChiefs ngezinye zezinto ezenza amaqembu abe manqika ukumsayinisa.
“Siyaxoxa namaqembu akuleli nawaphesheya kodwa kunzima ngenxa yokulimala engidlule kukhona futhi ngibona sengathi eNingizimu Afrika kulukhuni ukuthola iqembu uma usufike eminyakeni engu-31,” uchaze kanje.
“Kungenzeka futhi ukuthi amaqembu asaba nemali okuthiwa bengiyihola. Ukube bengihola imali engaphezu kuka-R1million ngenyanga ngabe ngizipholele ebhishi njengamanje. Angazi ukuthi la mahlebezi aqhamukaphi kodwa yinto engayibona ezinkundleni zokuxhumana ngelinye ilanga, nami ngathuka.
“Imali ebengiyihola ayisondele lapho. Lawa mahemuhemu abengemahle ngoba abantu bagcine bewakholwa futhi kungenzeka ukuthi nozakwethu bawakholiwe. Lokho kwangifaka ngaphansi kwengcindezi eyengeziwe.
“Kwangenza ngazama ukwenza okungaphezu kwalokho okwakumele ngikwenze ngaleso sikhathi. Ngagcina sengizama ukwenza okuningi, ngakhohlwa ukwenza okuqondene nami.”
Ngaphandle kukaDolly noHlanti, baningi abanye abadlali abadedelwe amaqembu adlala esigabeni esiphezulu kuleli abasathungatha umsebenzi.
Kulaba kubalwa uRichard Ofori, Bongani Zungu, Siyanda Xulu, Kermit Erasmus, noGeorge Maluleka.