UMDLALI wasesiswini kwiKaizer Chiefs, uKeagan Dolly, ukuqonda kahle ukubaluleka kokunqoba emdlalweni womkhaya baseSoweto ngenhloso yokuguqula izinto eqenjini lakhe elingakenzi kahle selokhu kuqale le sizini.
IKaizer Chiefs izotholana phezulu nezimbangi zayo ezinkulu, i-Orlando Pirates, emdlalweni womkhaya baseSoweto, eFNB Stadium, eGoli, namuhla ngo-3.30 ntambama.
UDolly, osedlale imidlalo emithathu ngemuva kokubuya kwakhe ekulimaleni, ungomunye wabadlali abamqoka iChiefs ezothembela kubona ekwenzeni izinto zenzeke kulo mdlalo wanamuhla obhekwe ngabomvu, azobe egijima okwesihlanu kuwona.
“Ngicabanga ukuthi lo mdlalo uzohluka kulokhu ngenxa yesimo womabili amaqembiu akuso njengamanje. Kulokhu akulwelwa igunya lokuchoma nje kuphela kodwa namaphuzu amathathu abaluleke kakhulu kithina ukuthi sinyuke kwi-log,” kusho uDolly oyintandokazi kubalandeli beZimpofana.
“Sesiyibambile inguyazana siyiKaizer Chiefs ukuthi imidlalo elandelayo kumele siyinqobe. Ngesifanayo-ke nangalo mdlalo esiyowudlala nePirates, siyele ukuyoqoqa amaphuzu kuwona bese sigcina nomgqigqo wethu.”
UDolly uyavuma ukuthi ukunqoba lo mdlalo wanamuhla kungenza omkhulu umehluko ekwehliseni ingcindezi kubona, kubuyise nokuzethemba.
“Siyazi ukunqoba umdlalo womkhaya yinto enkulu kubalandeli kodwa ekugcineni into ebalulekile amaphuzu amathathu njengakuyo yonke imidlalo yeligi.
Siyazi yini elindelekile. Yonke imidlalo kumele ibe ngebalulekile ukuthi siyiwine ukujabulisa abalandeli bethu. Nakanjani uma sinqoba lona, ingcindezi izokwehla.”
Ngakolunye uhlangothi umgadli weZimnyama, uKermit Erasmus, njengomgadli owaziyo umuzwa wokushaya igoli emdlalweni womkhaya baseSoweto, uyakuqonda ukubaluleka kokushaya amagoli kulo mdlalo, okuyinto ebaphikayo muva nje.
“Okuzomele sikwenze wukuzama ukwakha amathuba bese siwasebenzisa ngendlela. Yilokho ebesimatasa ngakho ejimini kuleli viki, ukungatatazeli uma sesisondela emapalini ezitha,” kusho u-Erasmus.
Muva nje u-Erasmus udlala ngemuva kwabagadli, elandela ngemuva kuka-Evidence Makgopa okunguyena mgadli njengamanje odlala indawo ebidlalwa uZakhele Lepasa, ongakabuyeli esimeni sokuthi angaqala imidlalo ngenxa yokulimala.
Kodwa lo mgadli akukamhambeli kahle njengoba esaphikwa ngamagoli. Usashaye igoli elilodwa kuphela, alishaye ngeledlule bebhekene neCape Town Spurs. Nokho u-Erasmus unethemba lokuthi akusekude uMakgopa abe ngumgadli okungathenjelwa kuye.
“Sizama ukudlala kukhona ophambili, mina ngimlandele ngemuva ukusiza iqembu ngeminyakazo yokuhlasela.
Mina kumele ngenze indlela ezovulela ozakwethu naye (uMakgopa) ithuba, siyakwenza lokho inkinga wukuthi asiwasebenzisi amathuba. Mhlawumbe kumele sehilse umoya kancane, singakhahleli noma isimo singavumi.”
Uthi bayamsiza uMakgopa nasejimini ukuze agcine elivezile leli khono abalibonayo.
“Uyakwazi ukungena ezikhaleni uma engaliphethe ibhola. Ngicabanga ukuthi uma eqhubeka nokudlala, nokuzethemba kuzokhula kuyena. Kumele simenze akholwe wukuthi angenza izinto zenzeke, ashaye amagoli ngokusebenzisa amathuba awatholayo.
Mude futhi uyashesha uma ubheka umzimba wakhe. Unalo ikhono lokuthi agcine ephumelele. Sekusele ukuzethemba nje.”
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla - Ngo-3.30pm: Polokwane City v Moroka Swallows (Old Peter Mokaba Stadium); Kaizer Chiefs v Orlando Pirates (FNB Stadium)
Ngo-8pm: Chippa United v Stellenbosch (Nelson Mandela Bay Stadium)
Kusasa - Ngo-3.30pm: Golden Arrows v AmaZulu FC (Mpumalanga Stadium); Richards Bay FC v Cape Town Spurs (King Zwelithini Stadium)
Ngo-5.45pm: Sekhukhune United v Supersport United (Peter Mokaba Stadium)