ZISHAYISA ngovalo izigameko zakamuva zokuquleka kwabadlali bebhola likanobhutshuzwayo ezinkundleni. Nonyaka, uSiphamandla Mtolo uquleke waphetha ngokudlula emhlabeni, ezilolonga neRichards Bay FC. Kuthe kusabatshazwa lokho kwaquleka uGeorge Maluleka, waMaZulu FC, enkundleni, walulama.
Izigameko zikubeke obala ukuthi kumele lubekwe ezithebeni udaba lokuquleka kwabadlali, lunganyathelwa ngezinyawo.
Bobabili abadlali bayibamba enkabeni yenkundla futhi kugcine kungavelanga ukuthi bebexinwe yikuphi ukugula. UMaluleka useze wabuyela ngisho enkundleni.
Bekungasibo abokuqala ukwehlelwa yilo mshophi. Kwenzekile nakuPapy Faty waseBurundi, ochithwe yiBidvest Wits ngo-2016, emuva kweminyaka emine eyidlalela.
IWits egcine idayisiwe, yanqamula inkontileka yakhe emuva kokuhlonzwa kwakhe ukuthi unesifo senhliziyo. Emuva kweWits, alikho elinye iqembu lePremeirship elimsayinisile kodwa uvumbuke kwi-1st Division esayina kwiReal Kings. Nayo yasheshe yamdedela ngenxa yenkinga efanayo.
UFaty akuwulalenga umyalelo wongoti owawuthi makayeke ukudlala ibhola. NgoJanuwari 2019, wasayina kwiMalanti Chiefs eSwatini, nokuyilapho eshonele khona enkundleni ngo-Ephreli 2019.
Yisimo esithi asifane nesenkakha yaseNigeria, uNwankwo Kanu, odlale emaqenjini amakhulu emhlabeni okubalwa ne-Arsenal.
Naye wayekiswa ibhola ngenxa yesifo senhliziyo njengoba kusanda kwenzeka nasensepheni yase-Argentina, uSergio Arguero, obesesemabhukwini eBarcelona, eSpain.
Omunye umdlali wase-Afrika, nguMarc-Vivien Foe’, waxinwa yisifo senhliziyo washonela enkundleni edlalela iCameroon ngo-2003.
Ngo-2020, uChristian Eriksen obedlalela iDenmark, kwi-Euro 2020, waquleka enkundleni kubuka umhlaba wonke.
Ekuhlinzweni, u-Eriksen wafakwa ubuchwepheshe obumulekelela ukuphefumulo kodwa i-Inter Milan ayedlala kuyo yanqamula inkontileka yakhe ngoba lokho kwakungasamvumeli adlale kwi-Italian Serie A.
Ngokolwazi oluncelwe kwi-punching.com, abanye abadlali abaphazamiseke ebholeni ngenxa yezifo ezihambisana nenhliziyo, yilaba:
– Iker Casillas waseSpain. Uhlonzwe ngo-2019. akangabe esadlala waze wawagaxa emgibeni ngo-2020, sekudlule unyaka.
– Dani Carvajal waseSpain. Usadlala kwiReal Madrid kodwa uhlonzwe ngo-2017.
– Sami Khedira waseGerman. Uwagaxe emgibeni emuva kokuhlonzwa ngo-2019.
– Angel Correa waseSpain. Uhlonzwe ngo-2014.
– Miguel de las Cuevas waseSpain. Uhlonzwe ngo-2015.
– Miguel Garcia waseSpain. Uhlonzwe ngo-2010.
– Angel Correa wase-Argentina. Uhlonzwe ngo-2014.
– Antion Cassano wase-Italy. Uhlonzwe ngo-2011.
– Fabrice Muamba wase-England kodwa onezimpande eCongo, wasinda ekufeni esenkundleni ngo-2012.
– Ruben de la Red waseSpain. Uhlonzwe ngo-2008.
– Lilian Thuram waseFrance. Usayine kwiParis Saint Germain ngo-2008 kodwa kuze kwanqanyulwa inkontileka engakaze adlale emuva kokuhlonzwa kwale sifo.
– Aitor Karanka waseSpain. Uhlonzwe ngo-1998.
– Lucas Silva waseBrazil. Uhlonzwe ngo-2016.
Engxoxweni ekhethekile nodokotela uThulani Ngwenya, oyiChief Medical Officer kwiSouth African Football Association (Safa), uxwayise ngokuthi usazoqhubeka lo mshophi ngoba nocwaningo lweminyaka alukawuhlonzi umnyombo kodwa luveza amaqhinga okubhekana nesimo uma sifika.
“ISudden Cardiac Arrest (SCA - isiqubu sokuhlaselwa yisifo senhliziyo) ivame kubantu ababukeka beyimiqemane. Yingakho kumqoka ukuxilongwa okuqondene ngqo nalesi sifo ngaphambi kwamalungiselelo okuqala kwesizini,” kuchaza uNgwenya.
“Kubalulekile ukuthi uma uzizwa unokugula ngisho kuwumkhuhlane, uphumule, ungazivocavoci ngoba igciwane lomkhuhlane lingafinyelela kalula emithanjeni yenhliziyo,” kweluleka uNgwenya.
Ugcizelele ukuthi umkhuhlane nokunye okuphazamisa ukuphefumala ngendlela efanele (Upper Respiratory Tract Infection) kunomthelela.
“Akumele ngabe sisaba nalezi zinkinga ngisho eNingizimu Afrika, sinongoti abanele. Sesifikile isikhathi sokuqasha ngokugcwele ongoti (sports physicians) abahlola abadlali njalo ekuqaleni kwesizini.
“Ngodokotela bezemidlalo kuphela abakwazi ukwenza ucwaningo. Ukuqashwa ngokugcwele kukadokotela kuzokwenza abekhona nasejimini iqala ize iyophela ngokunjalo nasemidlalweni futhi ebe ehlome ngomlando wesimo sempilo yomdlali ngamunye nokwenza ayazi imibuzo engahlenga impilo yakhe.”
Ucwaningo olwenziwe yiBritish Journal of Sports Medicine ngo-2014 kuya ku-2018, kubadlali besilisa abaneminyaka ephakathi kuka-16 no-35, emazweni angu-142, lufakazela okushiwo nguNgwenya.
Luphinde lucebise ngokuthi ezinkundleni zokuzilolonga nezokudlala, kuhlezi kuhlonywe nge-AED (automated external defibrillator -imishini yokuhlola isimo sokuphefumula enanyathiselwa esifubeni) kuphinde kuhlonyiswe abadlali, abaqeqeshi nabasebenzi bamaqembu ngokwenza iCPR (Cardio Pulmonary Resuscitation) - okunguphefumulela oqulekayo emlonyeni noma emakhaleni).