UCELA ukunikwa ithuba lokuhlanganisa iMaritzburg United, uZipho Dlangalala, othathe umsebenzi wokuqeqesha leli qembu ngemuva kokwehlela kwiMotsepe Foundation Championship ekupheleni kwesizini edlule.
Ngaphambi kokuthi uDlangalala anabe ngokuthi ubone kanjani kule midlalo abasayidlalile kulesi sigaba, ugcizelele ukuthi abantu kumele bazi ukuthi uhlanganisa iqembu elisha, uhlanganisa nendlela entsha yokudlala.
Ngaphezu kwakho konke, kunenhloso ehlukile njengoba lilwa nokubuyela esigabeni esikhulu, i-DStv Premiership.
Lo mqeqeshi ufike ekuqaleni kwale sizini kuleli qembu ezovala isikhala sikaFadlu Davids okhonjwe indlela ngemuva kokudliwa yizembe kweqembu.
Ngaphansi kobuholi bakhe, iMaritzburg inqobe imidlalo emine, yadlala ngokulingana kwemithathu, yadliwa kwemibili.
Isendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu awu-15, emidlalweni eyisishiyagalolunye.
Ngempelasonto edlule ihlulwe yi-JDR ekhaya.
"Ingaba ndala iMaritzburg ngokweminyaka kodwa ifana nentsha ngokokudlala. Ishaya ngenqwaba yabadlali abasha, bambalwa kakhulu abadala. Lide ibanga esisazolihamba. Ayikho into eqala phezulu uma kwakhiwa, konke kuqala phansi," kubeka uDlangalala. Uveze ukuthi akummangazi ukuzwa abanye begxeka.
"Abantu okufanele ukuthi bakhuthazwe ngabadlali. Yibo abanamandla okubuyisela leli qembu kwi-DStv Premiership. Uma besekwa nhlangothi zonke kuba lula ukwenza umsebenzi wabo. Anginankinga mina nokugxekwa kodwa ngicela kwesekwe abadlali.
“Abaphathi beqembu banginike umsebenzi wokulibuyisela esigabeni esikhulu. Yizwa ngami, maningi amathuba okwenza lokhu. Kuzomele singaxhamazeli, kuningi okusamele kudidiyelwe.
"Engikucelayo wukuthi abalandeli banginike ithuba lokwakha leli qembu. Uma sonke sifuna ukulibona libuyela esigabeni esikhulu kuzomele sibambisane siphinde silekelelane. Ngeke lokhu sikwazi ukukwenza ngaphandle kosizo lwabo.“
UDlangalala uveze nokuthi nakuba ekudinga ukuqinisa izindawo ezimbalwa ngokuthenga abadlali abathile kodwa akukona okuhamba phambili ezinhlelweni zakhe.
"Alikho iqembu elake laphelela ngabo bonke abadlali kuzo zonke izindawo. Nakuba kunjalo ukuhlale uthenga abadlali akuyona impendulo. Okuwumgogodla wukwakha indlela ephusile yokudlala.
“Nalaba badlali abafikayo kumele baqale bajwayele yona," kuqhuba uDlangalala oveze ukuthi akubathikamezi nakancane ukudlalela eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.
"Nakuba kungaba yinto enhle ukudlalela eMgungundlovu kodwa ebholeni lakuleli, amaqembu kawalandelwa ezindaweni asuka kuzo. Nathi eClermont sinalo ithuba lokuzakhela abalandeli bethu.“
Namuhla ngo-3.30, iMaritzburg izobhekana neBlack Leopards, eThohoyandou Stadium. Emdlalweni odlule iLeopards ishaye iMilford ngo-1-0. Isendaweni yesi-12, ngamaphuzu ayishumi. UDlangalala uthe kumele bawunqobe noma kanjani lo mdlalo.
Imidlalo yanamuhla yeMotsepe Foundation:
Ngo-3.30 pm: Platinum v Orbit (Isak Steyl); Magesi v Gallants (Old Peter Mokaba); JDR v Rovers (Soshanguve Giant); Leopards v Maritzburg (Thohoyandou); Baroka v Milford (Global).