AmaZulu (1) 3
Cape Town City (1) 2
KUHAMBE ngononina kumqeqeshi waMaZulu FC, uPablo Franco Martin ngesikhathi eshaya iCape Town City ngo 3-2 koweDStv Premiership, ngeSonto, eMoses Mabhida Stadium.
AmaZulu adlule ngamagoli kaMbongeni Gumede namabili kaJunior Dion. AweCity ashaywe uKhanyisa Mayo noTshegofatso Nyama.
UDion ushaya amagoli nje, bese kuphele isikhathi eside uMartin ekhala ngokungabikhona kwakhe kugqoza amagoli eqenjini njengoba ebelimele.
Usuthu liwuqale kahle umdlalo lushaya igoli ngomzuzu wesithupha. Nakhona bekungekho bhola elitheni ebelisadlaliwe, kube ukuvunywa yizinto kwalo.
Kumele luzisole ngokuthi kulesi siwombe ngemuva kokubhakuzisa inethi luzithele ngabandayo isidingo singekho. Yikho lokhu okunike izitha ithuba lokubuya ngamandla.
Lokhu kudembesela kugcine kuholele ekutheni amaCitizens acijwa u-Eric Tinkler, ashaye elokulinganisa ngonyawo lukaMayo.
Kuthe sisanda kuqala isiwombe sesibili, uNyama washaya elesibili lezivakashi.
Ngemuva kwesikhathi eside Usuthu luzama, lugcine lilitholile igoli lesibili elize noDion obesuka ebhentshini.
Sekubalwa imizuzu uphele umdlalo, ezikaCijimpi bese zifana nezithelwe ngezibonkolo, kwagcina kuwalungele, asala ekhaya amaphuzu agcwele.
Lo mphumela usho ukwenyukela koSuthu endaweni yesine kwi-log ngamaphuzu ayisishiyagalolunye, emdlalweni eyisithupha. ICity ihlezi kweyesi-14 ngayisithupha.