ISITOBHA seCape Town Spurs, uClayton Daniels, sikholwa wukuthi bayithole ngesikhathi esikahle i-Orlando Pirates abazogadulisana nayo emdlalweni weCarling Black Label Knockout ngoLwesihlanu.
ISpurs izovakashela eZimnyama e-Orlando Stadium ngo-7.30 ebusuku. IPirates ishayela phezulu kulezi zinsuku kulandela ukuwina iMTN8 yehlula iMamelodi Sundowns eThekwini, emasontweni edlule.
Emehlweni abaningi kungabukeka kuzoba wumdlalo olula kwiPirates ngenxa yokuthi iSpurs ayikaze iwine nowokubika umdlalo kweyisishiyagalombili esiyidlalile selokhu yenyukele kwiDStv Premiership.
Nokho uDaniels ubona bekudinga ukudlala nePirates njengoba bebheke ukubuyisa ukuzethemba.
"Asikho esinye isikhathi esihle sokubhekana nePirates ngaphandle kwalesi kwazise isanda kuba ngompetha beMTN8. Okwethu wukungena enkundleni sidlale sibone ukuthi kuzokwenzekani. Lo mdlalo uzosisiza kakhulu ekutheni sibone ukuthi sesikuphi ngokwezinga. Yonke imidlalo ibalulekile kithina. Ukuwina kuzobuyisa ukuzethemba esikudingayo emidlalweni yeligi. Nginethemba lokuthi sezidlulile izivunguvungu," kusho uDaniels.
Ukunikela ngamaphuzu kweSpurs kuholele ekuxoshweni komqeqeshi uShaun Bartlett oyiwinise iligi yeMotsepe Foundation Championship. Izintambo zokuqeqesha zisabanjiswe uSean Connor oyi-Technical Director nephini lomqeqeshi uVasili Manousakis.
"Asiqalanga isizini ngendlela ebesiyibhekile. Sihlulwe kuyona yonke imidlalo. Manje sinabaqeqeshi abasha okufanele sizame ukubamba izinto abazifakayo kithina. Ibhola liwumdlalo weqembu. Asikwazi ukuphuma iqhubu nomuntu oyedwa. Uma kukhona okwenzekayo enkundleni, sisonke kukhona.
“Senze amaphutha amaningi ngayedwana enkundleni. Kufanele silungise lokho. Emidlalweni esihluliwe kuyona, besidlala kahle siwuphathe umdlalo imizuzu engu-60 kuphela, siphele emuva kwalokho. Manje kufanele silwele ukudlala imizuzu engu-90 futhi siyeke amaphutha," kusho uDaniels.
Iningi likhala ngokuthi abaphathi beqembu bathathe kancane iPremiership, bangasayinisa abadlali abaningi abanesipiliyoni seligi ephezulu. Kubadlali abayaziyo iPremiership abasayiniswe yiSpurs kukhona uKeagan Buchanan noSiyanda Msane obelekwe kwiMamelodi Sundowns.
"Uma wenza kahle kwiChampionship, wanyukela phezulu, abadlali abenze kahle awukwazi ukuvele ubalaxaze kanjalo. Abadlali abaningi lapha basebancane ngakho kuzothatha isikhathi kubona ukujwayela iPremiership ngenxa yezinga. Ngisho umdlali osuka e-Europe kumthatha isikhathi ukujwayela lapha. Manje abadlali sebezinzile futhi sebeyakwazi okulindeleke kubona. Okufanele sikwenze ukuyeka amaphutha esiwenza ngayedwana enkundleni," kusho uDaniels.