AKUMSHAYISI nakancane ngovalo umqeqeshi weBaroka, uDan "Dance" Malesela, ukuqala ekuhambeni imidlalo yokuhlungela ukwenyukela kwiDStv Premiership.
Nakule sizini iBakgakga edlala kwiMotsepe Foundation Championship, ihluleke yancama ukungena esigabeni esikhulu. Iqede endaweni yesithathu kule ligi. Ompetha kube yiMagesi ecijwa uClinton Larsen.
Imidlalo yokuhlunga izoyidlala ne-University of Pretoria eqede kweyesibili neRichards Bay esonge kweyesi-15, kwiDStv Premiership.
NgeSonto ngo-3 ntambama izovula namaTuks, eTuks Stadium. Kuthi ngoJuni 8, itholane neBay, ePeter Mokaba Stadium.
Umlenze wesibili namaTuks, ungoJuni 12, enkundleni efanayo. OweBay, ungoJuni 18, eRichards Bay.
IBaroka idliwe izembe ngesizini ka-2021/2022 esigabeni esikhulu. UMalesela ofike eqenjini ngo-Okthoba nyakenye, uveze ukuthi amalungiselelo ama-play-off uwaqale ngesikhathi kuphela imidlalo yeligi.
"Konke kuhamba ngononina. Sesilungisile lapho esisonge isizini sixega khona. Empeleni ngifihle induku emqubeni. Umyalelo wabaphathi uwodwa. Uthi mangibuyisele iqembu kwiDStv Premiership. Yebo, kuzoba nzima. I-University of Pretoria, neBay nabo bafuna ukubuyela khona. Okuhle wukuthi sengibahlaziye kahle. Uma abadlali bami bezokwenza engibatshela khona sinalo ithuba lokubuyela esigabeni esiphezulu," kubeka uMalisela.
UMalisela waqopha umlando ngo-2019, enqoba inkomishi yeNedbank Cup neTS Galaxy, eyayidlala kwiMotsepe Foundation Championship.
Uveze ukuthi selokhu beqede imidlalo yeligi abakaze bakuthole ukuphumula. Uqhube wathi bekungaba yinto enhle ukuthi bavule imidlalo ngokudlalela ekhaya. Uthe nokho ukudlalela ekuhambeni akumkhathazi.
UMaleselal uphawule kanje:"Njengoba sengishilo konke kumi ngomumo ngemidlalo yamaTuks neyeBay. NgeSonto kuyasiphoqa ukuthi sinqobe noma sithole iphuzu. Akungethusi ukudlalela ekuhambeni. Okubalulekile ukuthi sidlale imidlalo yomlenze wesibili singekho kwingcindezi. Kule ngcindezi sizophuma ngokuthi senze kahle kweyomlenze wokuqala. Asifuni ukuphinde sithembele kwamanye amaqembu. Kumele sizilwele thina.“
UMalesela uveze ukuthi unawo umuzwa wokuthi kumele bazisole bona ngokwehluleka ukuba ompetha beMotsepe Foundation.
"Kunesikhathi lapha esike sanqoba khona imidlalo ilandelana. Bengibona ukuthi uma siqhuba kanje singaba ngompetha. Lo mgqigqo sivele sawulahla esikhaleni. Sidliwe saphinde sadlala ngokulingana emidlalweni engafanele. Yingakho sesizithola sesikulesi simo. Akusasizi ukukhala. Ama-play-off asinika elinye ithuba," kubeka uMalesela.
Ihlelwe kanje isiyonke imidlalo yama-Play-Off:
NgeSonto-Ngo-3 pm: Tuks v Baroka (Tuks Stadium).
NgoJuni 5-Ngo-1 pm: Bay v Tuks (Richards Bay).
NgoJuni 8- Ngo-1 pm: Baroka v Bay (Peter Mokaba).
NgoJuni 12-Ngo-1 pm: Baroka v Tuks ( Peter Mokaba).
NgoJuni 15-Ngo-1 pm: Tuks v Bay (Tuks).
NgoJuni 18-Ngo-1 pm: Bay v Baroka ( Richards Bay).