UBONGE abaqeqeshi be-Orlando Pirates, uMncedisi "Dada" Sibiya egixatshezwa ngesikhundla sokuqeqesha iqembu laMaZulu leDStv Diski Challenge (DDC).
Ngokuthola kwaleli phephandaba lo mqeqeshi waseNewlands, eThekwini, uqede konke noSuthu ngeSonto eledlule.
Ushiye phansi umsebenzi wokuqeqesha oPele Pele okuyiqembu leZimnyama eligijima kwiGauteng ABC Motsepe League. Wayefike kulo ngo-2021.
Ekuqaleni kwaleli sonto Isolezwe libike ukuthi maduze uSuthu luzothula uClinton Larsen njengenhloko yabaqeqeshi. Kuthiwa uzovala isikhala sikaPablo "Cijimpi" Martin okhonjwe indlela ngenxa yokuphikwa imiphumela.
Ngokusho komthombo, uzosizwa uVusumuzi "Kanu" Vilakazi obecija iqembu leDDC.
Kuthiwa uSibiya unikwe inkontileka yokuqedela isizini ka-2024/25.
Ethintwa Isolezwe ukuqinisekisile ukuthi useyilungu lomndeni woSuthu nakuba engathandanga ukungena emininingwaneni yenkontileka yakhe.
"Ngizizwa ngithobekile ngokunikwa umsebenzi oSuthwini. Vele lufana nekhaya kimina. Ngisewumfana ngadlala ezinkulisa zalo, kusukela ku-Under 13 kuya phezulu. Umsebenzi ngiwuqale ngoLwesibili ekuseni," kubeka uSibiya, osanda kuthola iziqu zeCaf B Licence. Akamusha ebholeni lakuleli lo mqeqeshi.
Ngaphandle kokuthi wake wadlala kwiManning Rangers, eZimnyama zamthatha ngenxa yokwenza kahle kwiKZN ABC Motsepe League.
Uke wacija amaqembu afana neHappy Wanderers, Asande KwaDabeka Sporting, nakwiReal Eagles.
Ubonge kakhulu kubaqeqeshi bePirates ngolwazi abamhabulise lona.
"Ngibe nenhlanhla yokuthi besibuye sibe nezithangami ngisho nabaqeqeshi beqembu elikhulu. Ngithanda ukuphuma iqhubu nomqeqeshi uMandla Ncikazi noJunior Bhengu. Bangikhulisile kulo mkhakha. Ngibonga nakuwo wonke amaqembu anginike ithuba kwi-ABC Motsepe nakwiNFD (Motsepe Foundation Championship)."
USibiya uveze ukuthi unikwe umyalelo wokuthi andise isibalo sabadlali abanyuselwa eqenjini elikhulu.
"Ngibe nengxoxo enhle noPedro Dias (iDirector of Football). Ungiyalele ukuthi ngandise isibalo sabazonyukela eqenjini elikhulu. Kule sizini kumele siqede endaweni enhle kwi-log yeDDC."
USuthu oluncane lusendaweni yesithupha ngamaphuzu ayisishiyagalolunye. Lusanqobe emibili, lwadlala ngokulingana kwemithathu, lwadliwa kowodwa. NgeSonto luzodlala neSuperSport United, eSugar Ray Xulu Stadium.