USIHLALO weCape Town City, uJohn Comitis, ubalula ukubaluleka kokunqoba emdlalweni wokugcina kulo nyaka abazowudlala naMaZulu.
Nakuba iThe Citizens ishaye iChippa United ngempelasonto edlule kodwa uComitis ukubeke kwacaca ukuthi akumphethe kahle ukuhluleka kwezakhe ukubamba umgqigqo wokunqoba. Emidlalweni eyandulela oweChippa, iqembu lakhe lidliwe kulandelana yiSekhukhune United neLamontville Golden Arrows.
"Akukuhle ukuthi amasizini wonke sishaywa induku efanayo. Ngihlale ngisho ukuthi ziningi izinto esifuna ukuzizuza. Uma sizodlala lo gingqigongqo webhola ngeke siye ndawo. Sivele sesiphunyukwe inkomishi yeMTN8 neyeCarling Knockout. Nakuba kunzima kunjalo kodwa sizoqhubeka nokulwa," kubeka uComitis.
ICity ilele endaweni yeshumi ngamaphuzu awu-11 emidlalweni eyisishiyagalolunye. Ngaphandle koweChippa, inqobe owePolokwane City yadlula nakwiSuperSport United. I-The Citizens idliwe kwemine, yadlala ngokulingana kwemibili. Kowokugcina kulo nyaka, iCity izodlala noSuthu ngoDisemba 29, eCape Town Stadium, eKapa.
UComitis uthe nakuba bengenzanga kahle emidlalweni edlule kodwa isifiso sakhe ukuthi bawelele onyakeni ozayo bekwi-Top 8.
"Ukuwelela onyakeni ozayo siku-Top 8 kuzosehlisela umsebenzi ngonyaka ozayo. Yingakho kumele sinqobe noma ikanjani kuMaZulu. Kuzoba wumdlalo onzima kodwa sivunwa wukuthi sizobe sidlalela ekhaya. Okunye okubalulekile wukuthi siwelele emlenzeni wesibili weligi sisemaqenjini aphezulu. Isifiso sethu wukudlala emiqhudelwaneni yeCaf ngesizini ezayo," kuqhuba lesi sikhulu.
UComitis uveze nokuthi njengoba kuzovulwa iwindi likaJanuwari, kukhona izindawo abazoziqinisa. Ezinyangeni ezedlule utshele leli phephandaba ukuthi bathungatha unyazi lomgadli. Phakathi kwabagadli aveza ukuthi bebefuna uKhama Billiat noKermit Erasmus kodwa wagcina bengaphumelelanga.