IBAMBA mqeqeshi kuMaZulu, u-Ayanda "Cobra" Dlamini, liveza ukuthi wubudlelwano obuhle nabadlali okwenza ukuthi uma enikwa izintambo zokuhola iqembu bamlwele ngakho konke abanako.
Nakuba Usuthu lungakaphunyuki kwangase agawulwe izembe kwiDStv Premiership, ngoLwesithathu kube yinjabulo yodwa kubalandeli balo ngemuva kokubamba iMamelodi Sundowns ngo-2-2 ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. Ngendlela abebehuba ngayo, besho nezaga ngemuva komdlalo, ubungafunga ukuthi bawathole womathathu amaphuzu.
Kunesikhathi lapho iningi ebese lithi kuphelile ngezikaDlamini ngesikhathi iSundowns ihamba phambili ngo-2-0. Nokho abafana bakhe batshengise umfutho oyisimanga, babuya, bashaya amagoli amabili okulinganisa.
Lo mphumela ugcine AmaZulu kunombolo-11 ngamaphuzu awu-33, emidlalweni ewu-28. Bekuwumdlalo wesine uDlamini esebhentshini.
Nakuba esanqobe owodwa kodwa kwemine kubukeka abadlali bakhe bedlala ngokukhululeka nokuzimisela. Naseminyakeni edlule, uke walisindisa iqembu ebanjiswe izintambo. Waze waqashwa ngokuphelele nokho izinto zangamhambela kahle ngokuhamba kwesikhathi.
Ebuzwa ngemfihlo yakhe uthe: "Sisizwa ukuthi njengamanje wonke umuntu uyabona ukuthi sisemeni esingesihle. Ngisizwa nawukwazi imiqondo yabadlali. Angiqali ukusebenza nabo, ngingena kalula emakhanda abo. Akubi nzima ukubagqugquzela. Ngidweba uhlelo lokujima oluhambelana nabo, abaluthandayo nolubajabulisayo. Lubasiza noma sebedlala.“
UDlamini uthe ujatshuliswa nayindlela abafana bakhe asebehlasela ngayo.
"Esikhathini esiningi phambilini, abadlali bethu bebekhonze ukuhlala emuva. Ngifike ngakushintsha lokho, manje sesiyahlasela. Ukube sisadlala ngendlela yakuqala besingeke sibuye kwiSundowns. Okunye ukuthi selokhu ngifikile kushintshe indlela yokucabanga kubadlali," kubeka uDlamini othe kuzomele banqobe noma kanjani kwemibili ebasalele. Usuthu luzoze ludlale neLamontville Golden Arrows ngoMeyi 13, khona ePrincess Magogo.
Luzosonga isizini ne-Orlando Pirates, ngoMeyi 20, eMoses Mabhida Stadium.
NgoLwesithathu, Usuthu lushaye awokulinganisa ngemuva kokuthi umqeqeshi weSundowns, uRhulani Mokwena, enze izinguquko zabadlali abahlanu. Phakathi kwabakhishiwe, uThemba Zwane noPeter Shalulile.
Bathe bephuma ngakho kodwa uRamahlwe Mphahlele walingqofela phakathi elokuqala loSuthu.
Usuthu luqhubekile nokuhlasela, uJunir Dion washaya igoli lesibili.
Ngemuva komdlalo, uMokwena uthe akazisoli ngalezi zinguquko.
"Ngokujwayelekile uma senze izinguquko eziningi asidlali kahle. Ngijabule kulokhu njengoba siqhubekile nokudlala kahle. Kuningi okuhle engikubonile. Phakathi kwakho ukwakha amathuba amahle, ukunikana kahle ibhola nokunye.
“Imidlalo yethu icinene, phezu kokuba sifuna imiphumela emihle kodwa kumele sicabangele nemidlalo elandelayo. Bekubalulekile ukukhipha uZwane noShalulile," kusho uMokwena ogcizelele ukuthi kubaphoqa ukuthi bayinqobe imidlalo esele.
NgoMbgqibelo, iSundowns izobhekana neMarumo Gallants koweligi ngo-7 ebusuku, ePeter Mokaba.
Owokugcina weligi izowudlala neMaritzburg United, eLoftus Versfeld Stadium, ngoMeyi 16.