UZISHAYA isifuba uPablo Franco Martin ongumqeqeshi waMaZulu ngokufika agxishe kubadlali bakhe umqondo wokulwisa okwamabhubesi nokubekezela.
Ngempelasonto uSuthu luphinde lwajabulisa abalandeli balo lushaya iCape Town City ngo-3-2 koweDStv Premiership obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
AmaZulu antshontshe amaphuzu agcwele umdlalo ususesikhathini esengeziwe, uJunior Dion eshaya amagoli amabili esuka ebhentshini.
Imbobo yepali iqale yabonwa yiwo ngonyawo lukaMbongeni Gumede umdlalo usanda kuqala.
Izivakashi zigcine zikwazile ukuphendula ngamagoli amabili.
UMartin oteketiswa ngelikaCijimpi wenze izinguquko, okuyizona ezenze ukuthi baqhubeke nokuhlasela bagcina bephume nezithelo ezinhle.
Lo mqeqeshi ukuvumile ukuthi nakuba benqobile kodwa izitha bezingaphezulu ngomdlalo.
"Yiqiniso elimsulwa lokhu engikushoyo. Kuhle ngoba ngikusho siqeda kunqoba. Kangiqondile ukuthi abadlali bami bekungabafanele ukunqoba. Nokho neCity beyifanelwe umphumela omuhle. Sikhumbule ukuthi sekuphele iminyaka emibili ihlanganisa icebo efuna ukudlala ngaphansi kwalo. Lokho kucacele wonke umuntu. Injalo nje inabadlali bezinga eliphezulu. Thina sisekude ukuba yileli qembu engilifunayo," kubeka uCijimpi.
Uqhube wathi okubasizile ukuthi uwulolu hlobo lomuntu uluphoqayo ukuthi izinto zenzeke futhi akadikibali.
"Ngikholelwa ekutheni uma ungenayo inkani kokwenzayo ngeke uye phambili. Ebholeni ubuye usizwe ukwazi ukumelana nobunzima. Abadlali kumele ubenze bakukholwe obatshela kona nokwenzayo. Ejimini sibaphoqa ukuthi balwe uqala umdlalo uze uyophela. Sihlale sibakhumbuza ukuthi kabanalo ilungelo lokuphonsa ithawula. Engikubonile emidlalweni yoSuthu ngesizini edlule ukuthi bebelahla ithemba uma izitha zihamba phambili. Kuqala isizini sivumelane ngokuthi lokhu siyakuqeda.
“Okunye okubalulekile izinqumo zethimba labaqeqeshi nabaphathi mayelana nohlobo lwabadlali okumele basayiniswe. Kumele kube ngabanemiqondo ephusile nabanomuzwa wokulwela iqembu. Uma konke lokhu kuhlangene kahle kudaleka umfutho wokulwa nakuba kunzima kangakanani. Sinqobe kwiCity ngenxa yalokhu. Besingadlala ngokulingana noma sidliwe.”
Kwi-log yeDStv Premiership, AmaZulu anyukele kweyesine ngamaphuzu ayisishiyagalolunye, emidlalweni eyisithupha. Aseyoze abuyele enkundleni ngoSepthemba 25 edlala nePolokwane City, ePeter Mokaba Stadium.
AmaCitizen akweka-14 ngamaphuzu ayisithupha. Bekuwumdlalo wesihlanu kulandelana ethola induku. Kowandulela owoSuthu abeshaywe i-Orlando Pirates ngo-2-0.
Umqeqeshi wawo u-Eric Tinkler ukhale ngamaphutha enziwe abadlali bakhe kuhlanganisa nokuyeka amathuba.
"Bekungamele sidliwe ngale ndlela, akwamukelekile neze lokhu. Amaphutha abulala konke okuhle osekwenziwe. Kumele ufunde emaphutheni akho uphinde wazi ukuthi udlala kwiligi yezinga eliphezulu. Awukho umdlalo olula kule ligi, yonke inzima. Ulwela amaphuzu amathathu umdlalo uqala uze uyophela. Thina asikwenzanga lokho. Kumele wazi ukuthi kunini lapho kumele ulawule umdlalo. Kumele wazi nokulawula imizwa.Thina kusihlulile lokho. Ngiphoxeke kakhulu," kubeka uTinkler. Kusasa iCity izovakashela iTS Galaxy, eMbombela Stadium.