UMQEQESHI waMaZulu FC, uPablo Franco Martin, uzishaya isifuba ngokuthi iqembu lakhe selidlulile esiweni elaphonseke kusona ngesizini edlule kwiNedbank Cup, kulandela ukungena kwalo esigqokweni sama-quarter final ngokushayela ekhaya iSekhukhune United.
UVictor Letsoalo ojoyine Usuthu esuka kwiBabina Noko ushaye igoli, benoJunior Dion, kulo mdlalo obungoLwesihlanu oludlule ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Ngesizini edlule Usuthu luziphoxile luwashiswa ijezi yiDondol Stars FC kwi-last 16 yalo mqhudelwano osekuwumlando ukuthi ugcine udliwe i-Orlando Pirates.
Kucacile enkulumweni kaMartin ukuthi ibiyisilonda indaba yokuwashiswa ijezi ama-amesha koSuthu kwiNedbank sekukhahlelwa amaphenathi ngesizini edlule yize ebengakafiki.
AmaZulu ephoxwa iDondol edlala kwi-ABC Motsepe League yaseGauteng ayeqeqeshwa uRomain Folz, ongazange ahlale isikhathi eside kuwona njengoba kuze kwalandwa uCijimpi okuyigama okuteketiswa ngalo uMartin.
“Ngiyakukholwa ukuthi lo bekungomunye wemidlalo esiyidlale kahle kodwa obekuhlukile ngawo ukuthi kulokhu inhlanhla ibivuna thina hhayi njengasemihleni lapho ibhola liwela kangcono ezitheni kunakithina,” kusho uCijimpi.
UMartin akazange akufihle ukuthi le wini iyambusisa kwazise izobuyisa isithunzi seqembu kulandela indlela eliphume ngayo kwiNedbank ngesizini edlule.
“Ngizishaya isifuna ngokuthi ngibe nesandla ekutheni AmaZulu adlule esikhinsini awele kusona kulo mqhudelwano ngesizini edlule,” kusho yena.
“Kuliphoxile iqembu okwenzekile kodwa njengoba selizesulile nezinyembezi zabalandeli selingabheka phambili ngokuzethemba ngoba sekungenzeka noma yini.
“Akukho okuyisipesheli esikwenzile kulo mdlalo ngaphandle kokuqhubeka nalokhu ebesilokhu sikwenza kodwa sibe nebhadi.
“Namuhla usuku olukhulu kubadlali baMaZulu kwazise ukuzinikela kwabo kuthele izithelo kwaze kwasiza iqembu ukuba lidlulele esigabeni elingavamisile ukufika kusona kwiNedbank,” kuphetha uCijimpi.
Usuthu luzohlaba ikhefu njengawo wonke amanye amaqembu ngenxa yemidlalo yeFifa luze lubuyele enkundleni ngoMashi 30 lapho luzobe luvakashele khona i-TS Galaxy eMbombela Stadium.