Orlando Pirates (1) 2
Sekhukhune United (1) 1
I-ORLANDO Pirates iqede ishobolo yehlula iSekhukhune United kowamanqamu weNedbank Cup eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngoMgqibelo ebusuku.
Igoli leSekhukhune lishaywe nguSibusiso Vilakazi esiwombeni sokuqala. AweZimnyama abekwe enethini nguThapelo Xoki kuyiphenathi ekupheleni kwesokuqala noTerrence Dzvukamanja sekusele amanenjana kuphele umdlalo oqinisekise ukuthi indebe iya kwezikaMagebhula nesheke lika-R7 million.
IPirates ingene enkundleni ibheke ukuqeda ukhondolo lokwehlulwa kowamanqamu weNedbank Cup nokuwina indebe yesibili kule sizini. EZimnyama zigcine ukuwina iKe Yona ngo-2014, zehlula iBidvest Wits eThekwini. Zikhale ngaphansi kwiSuperSport United kulandelana ngo-2016 nango-2017. Ngokuwina iNedbank, iPirates iqukule indebe yesibili kule sizini kwazise iyivule ngokuphakamisa eyeMTN 8.
ISekhukhune, ebikade iqala ukudlala kowamanqamu, ifinyelele kulesi sigaba isalilande kanye ibhola enethini. Ngokufinyelela kowamanqamu weNedbank, iSekhukhune izomela iNingizimu Afrika kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo. Ithole leli thuba ngenxa yokuthi iPirates izodlala kwiCaf Champions League kulandela ukuqeda endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership.
Enkundleni, iSekhukhune iyona eqale umdlalo ikhombisa ukuzinza, izama ukuxina iPirates kodwa ihluleka ukugqobhoza udonga lwayo lwasemuva. EZimnyama zisheshe sayilungisa leyonto, zaqala ukuphatha ibhola. Ithuba lokuqala lokushaya igoli liwele uKermit Erasmus ngomzuzu wesithupha kodwa washaya ibhola laphuma eceleni kwepali. ISekhukhune iqhubekile nokuhlasela. Ngomzuzu ka-12 uVilakazi uthole ibhola ebhokisini lePirates, walivalela phakathi emuva kwephutha elenziwe yizitobha zeZimnyama.
Emuva kwaleli goli iPirates ibuye ngomfutho, yathola amathuba elandelana kodwa yahluleka ukuwasebenzisa. Ngomzuzu ka-45 unompempe uthando Ndzandzeka ubeke iphenathi emuva kokuthi ibhola lishaye esandleni kuVictor Letsoalo weSekhukhune obekade elele phansi, uXoki wayibeka phakathi.
Esiwombeni sesibili, iSekhukhune ibuye yaqhubeka nokuhlasela kodwa belungafuni lutho udonga lwasemuva lwePirates.
Ukungqongqoza kwayo kugcine kuzwelile kubalandeli bePirates abagcine sebeyeke nokucula. Bekunzima ukufika phambili eqenjini labo phezu kwezinguquko ezenziwe ngumqeqeshi uJose Riveiro. Nokho umzamo wePirates obukade ubukeka ungeyona ingozi ugcine uphelele enethini ngesikhathi uDzvumanja eqobela phakathi ibhola eligotshwe nguMonnapule Saleng kwesokunxele.
Ngemuva komdlalo uRiveiro, uhluleke ukuzibamba ekhuluma nabeSuperSport, wakhala echaza ngenjabulo yezakhe.
“Bekungesiwona umdlalo omuhle, kithina. Kuhlezi kunzima ukudlala owamanqamu njengoba besingawulawuli umdlalo kodwa abadlali bami benze konke. Kodwa siyafunda, sifuna ukudlala eminye imidlalo yamanqamu. Sijabule ngokuwina. Ngijabulela wonke umuntu oseqenjini, umndeni nabangani, kusho uRiveiro echiphiza izinyembezi.
Uthe bekungelula isizini yonke ikakhulukazi ethimbeni lakhe aqhamuka nalo ngakubo eSpain.
UBrandon Truter umqeqeshi weSekhukhune ekhuluma kwithelevishini (SuperSport) akazange afune ukwanda ngamazwi ngaphandle kokubongela abadlali bakhe ngokufinyelela kowamanqamu.