UCHAZWE njengomuntu obengalesabi iqiniso owayengukaputeni we-Orlando Pirates, uJohn "Dungi" Moeti, odlule emhlabeni ngoMsombuluko ekuseni.
Izindaba zokushona kwakhe ziqinisekiswe wumndeni wakhe esitatimendeni esishiye iNingizimu Afrika yonke ishaqekile.
Lesi sitatimente sithe uMoeti (55) ushonele ekhaya emuva kokugula isikhathi eside.
Umndeni uphawula esitatimendeni kwisafa.net, uthe:
"UJohn uhaqwe wukugula ezinyangeni eziyisishiyagalombili ezedlule futhi ubethola ukunakekelwa ngokwezempilo okukhethekile.
“Ushone ezintatha namuhla (izolo) ekhaya ezungezwe wumndeni wakhe nabazalwane ngomkhuleko. Siyanibonga ngemikhuleko nokuseseka.
“Umndeni ufisa ukunikwa isikhathi sokubhekana nalesi simo ngasese. Imininingwane yomngcwabo izomenyezelwa ngesikhathi esifanele.”
Wadlala kwiPirates phakathi kuka-1995 no-1999. Wayeseqenjini leZimnyama elawina indebe yeCaf Champions League no-1995.
Ngaphezu kwalokho ubalwa namaqhawe awinele iNingizimu Afrika indebe ye-Africa Cup of Nations eyibamba kwiBafana Bafana ngo-1996.
Udlale imidlalo engu-29 eqenjini lesizwe. Emuva kokushaya iPirates, wajoyina iSuperSport United ngo-2000, wadlala kuyona unyaka.
Kubalandeli bebhola eMzansi, uMoeti uyokhumbuleka ngobuchule bakhe enkabeni yenkundla nokudlala uqinathambo uma kufanele.
Izinkakha ezidlale noMoeti nezixoxe neSolezwe odabeni oluzoshcilelwa ngoLwesibili (Febhuwari 7, 2023) zonke zivumelane ngokuthi ubengumuntu olikhonzile iqiniso nokufakazelwa wukuthi ushone esengumfundisi.