UZISHAYA isifuna ngokucupha umgogo ogcine usudunga umqondo wesitobha seKaizer Chiefs esingu-Edmilson Dove, umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro.
URiveiro ofike kweZimnyama bekungokokuqala enqoba umdlalo womkhaya baseSoweto kwiDStv Premiership.
IPirates izifake kwiTop 8 kwi-log ngokunqoba ngo 1-0 wegoli, lika-Evidence Makgopa, alishaye esiwombeni sokuqala kulo mdlalo obuhanjelwe izinkulungwane ngempelasonto e-FNB Stadium, eSoweto.
Bekuyiwini yesibili kulandelana kwiPirates ebingenzi kahle kwiligi kulezi zinsuku. Lo mphumela ubunqamula ukukhonya kweChiefs kowomkhaya ebisiwine emihlanu ilandelana.
Yize engazange alibeke ngembaba kodwa ubebonakala ngisho ebusweni uRiveiro ukuthi uyazizwa ngeqhinga lokuxina uDove ngabadlali abaningi ikakhulukazi esiwombeni sokuqala.
"Nakuba siphoqeleke ukuba sishintshe izinto umdlalo usanda kuqala kodwa bekuzwakala ukuthi umdlalo womkhaya futhi ngineme ngokuqoqa la maphuzu kwazise asisondeza nalapho sibheke ukufinyelela khona," kusho uRiveiro esithangamini nabezindaba ngemuva komdlalo.
Ngesikhathi ebuzwa ukuthi bekuyinhloso yini ukuxina uDove (igoli eliqhamuka ngasophondweni abelugadile), lo mqeqeshi waseSpain uqale wamoyizela ekhala ngobunzima bokuphendula.
"Ngizophendula ngoba kufanele kodwa ngeke ngigeqe amagula ngezinhlelo nemigoga yethu. Yebo, bekuyinhloso ukuthwalisa kanzima uDove ngokusondeza abadlali abaningi eduze kwakhe ukuze ezogcina engasazi ukuthi kufanele agade bani ayeke bani phakathi kukaMakgopa nomdlali obeqhamuka ngasophondweni.
"Besizitshela ukuthi uDolly (Keagan) uzoqala ngakwesokudla kodwa uthe ebonakala ngakwesokunxele saqhamuka neqhinga lokwandisa abadlali kuDove ngoba uDolly akaziwa ngokusiza izitobha kumbe ukumaka.
"Ngihlabeke umxhwele ngendlela akwenze kalula ngayo lokhu obekudingeka kuyena uMakgopa. Kunezikhathi lapho bekucacela khona wonke umuntu ukuthi uDove akazi ukuthi kufanele enzeni ngoMakgopa ekubeni noBandile (Shandu) ubelokhu eqhamuke njalo namabhola ayingozi.
"Ngenxa yalokho kudungeka umqondo kukaDove, kulapho igoli okugcine kuyilona lodwa esiwine ngalo liqhamuke khona. Mkhulu umsebenzi owenziwe uMakgopa buthuli," kusho lo mqeqeshi.
Uthe ikhefu lemidlalo yeFifa uzolisebenzisa ngokuthi abadlali bakhe baphumule njengoba oweChiefs bekungowesikhombisa ezinsukwini ezingu-22.
"Nginesifiso sokuthi abadlali bami baphumuze umqondo ngoba lokhu bayakudinga uma uzokhumbula isikhathi esisuka kusona. Ngifisa ukuthi lokhu kubenze babuye bekulungele ukuqhubeka nomgqigqo kuze kuphele isizini," kuphetha uRiveiro.
Phakathi kwabadlali bePirates abazoya emaqenjini abo esizwe kukhona uNkosinathi Sibisi noZakhele Lepasa abaya kwiBafana Bafana. UHotto noRichard Ofori bajwayele ukubizwa iNamibia neGhana ngokwahlukana. IPirates isiyoze ibhekane neRichards Bay ngoNovemba 25, eKing Zwelithini Stadium ngo-3.30 ntambama.