UNOZINTI we-Orlando Pirates, uSipho Chaine, uthi limfice engalindele ithuba lokudlalela leli qembu afike kulona waqukula izindebe ezimbili ngesizini yokuqala.
UChaine (26) useneminyaka ekhona ebholeni laseMzansi kodwa bambalwa abebemazi ngaphambi kokujoyina iPirates. Lokhu kungenxa yokuthi ubewukudla kwebhentshi emaqenjini asuka kuwona.
Lo nozinti uqale ukubonakala edlala eqenjini leDStv Diski Challenge leBloemfontein Celtic eliwine iligi, lathola ithuba lokuyodlala e-UK ngo-2019. Emuva kokudayiswa kweCeltic, udluliselwe kwiRoyal AM nabanye abadlali. Nokho emuva kwezinyanga ezimbalwa uchithiwe ngesikhathi i-AM isiphungula abadlali engakaze adlale. UChaine ucoshwe yiChippa United kodwa nakhona ubhekane nobunzima bokuthola ijezi. Ujoyine iPirates ngoSepthemba nyakenye. Ngesizini yakhe yokuqala kwiPirates usewine indebe yeMTN 8 neyeNedbank.
Uthole ithuba lokuvimba kulimala obengunozinti wokuqala weqembu, uRichard Ofori.
"Bonke abantu banamaphupho, izinto abafuna ukuzizuza nabazisebenzelayo. Kimina kufike ngingakulindele. Kungimangazile, kwamangaza bonke abantu uma ubheka amaqembu engisuka kuwona ngiza kwiPirates. Ngingasho ukuthi bengingaziwa ngalutho. Ngifike eqenjini lapho esihlala sifuna khona ukuwina. Kuhlala kunomdlalo okufanele siwuwine," kusho uChaine.
"Okungisebenzele yindlela engihlala ngizikhandla ngayo nokuhlala ngizifunela okungaphezulu ukudlula wonke umuntu. Ukuya kwiCeltic, Royal AM nakwiChippa bekuwukuzenza ngibe ngcono njengomdlali. Abantu bangathi kusebenzile ngoba nakhu sengikwiPirates, sengiwina izindebe. Kuqala ngokuthi ufuna kanganani ukufunda. Kimina kuyinto enkulu futhi kusekuningi okuzayo. Kodwa ngibonga uMdali ngokunginika leli thuba. Bonke abantu bafuna ukuba lapho engikhona manje. Kodwa akekho obekulindele. Wumusa Wakhe ongithwalile."
KweZimnyama, uChaine uhlalise ebhentshini onozinti abanesipiliyoni okungu-Ofori noSiyabonga Mpontshane. Ngesizini ezayo bazojoyinwa nguMelusi Buthelezi obevimbela i-TS Galaxy. IPirates izodlala emqhudelwaneni eyisihlanu okuyiMTN8, Nedbank Cup, DStv Premiership, Caf Champions League neCarling Knockout Challenge.
"Ukuya eqenjini elifana nePirates uhlala ubheka lapho kukuningi okudlalelayo. Sidlalela ukuwina zonke izindebe. Ayikho esiyikhethayo. Wonke umqhudelwano esiwudlalelayo, sidlalela ukuwunqoba. Kodwa ngeke kube lula. Izodinga okuningi kithina singabadlali. Kodwa ngikholwa wukuthi abadlali abaphezulu bafuna izimo ezinjalo. Ukudlalela iqembu elikhulu kuhambisana nengcindezi. Kufanele siyamukele sisebenze kanzima."