UMDLALI osefike kwiKaizer Chiefs, waziphendula isithandwa sabalandeli baleli qembu, u-Edson Castillo, utheleke eNingizimu Afrika esecije ngakho konke abekudinga ngosizo lomkhaya wakhe waseVenezuela, uJose Torrealba.
Eminyakeni edlule, iChiefs ibinesinye isiphekephepheke saseVenezuela emabhukwini ayo, uTorrealba, owafika kuMakhosi ngo-2008 waze wahamba ngo-2011.
Nakuba isibalo samagoli uTorrealba awashayela iChiefs singakhombisi ukuthi wayengomunye wabadlali bayo abagqamile kodwa ukubakhona kwakhe enkundleni bekuyivulela amathuba amaningi kwazise ubeyilolu hlobo lomdlali ochazwa njengolaziyo ibhola.
UCastillo obetolikelwa, uGeroge Matlou esithangamini sabezindaba seChiefs izolo, uthe lonke ulwazi abeludinga ngaphambi kokuqoma kwiChiefs uluthole kuTorrealba.
Lo mdlali oneminyaka engu-29 usephenduke omunye wezithandwa zabalandeli beChiefs kusukela efikile ekuqaleni kwesizini. Uveze ukuthi usenothisha wesiNgisi ngoba akukho lapho efuna ukusala khona kwazise usebiza iNingizimu Afrika njengekhaya.
Ngaphandle kwamagoli amqoka ikakhulukazi ngekhanda uCastillo asewashayele iChiefs, lo mdlali wasesiswini, unale okuthiwa inenkosi phakathi iphasi okwenze wathatha neso labalandeli bamaqembu ahlukene kuleli njengoba esethubeni lokuba ingxenye yeqembu lekhethelo leCarling Cup All Stars elivotelwe abathandi bebhola ukuthi libhekane neStellenbosch FC ngoJanuwari 6 ePolokwane.
IChiefs ibimeme abezindaba lapho ibizokhombisa iphinde ichaze ngamalungiselelo omdlalo wayo weligi neRichards Bay FC kusasa ngo-8 ebusuku e-FNB Stadium.
“Nginenhlanhla yokuba nomuntu ofana noJose (Torrealba) ongazange agcine ngokudlalela iChiefs kepha uqale kwiMamelodi Sundowns okwenza abe nalo lonke ulwazi ngeligi,” kusho uCastillo ngomlomo kaMatlou ofunde isiPutukezi ngesikhathi esadlalela i-AD Sajoanense esemabangeni aphansi ebholeni lasePortugal.
“Ngifice iligi engahlukile kangako kunalawa ebengiwajwayele ingakho kube sengathi ngiyashesha ukujwayela yize kusenzima ukwamukela izikhwepha.
“Nalokho ngifike sengikulindele kodwa iqiniso ukuthi uTorrealba wenze kwaba lula kakhulu ukuthatha isinqumo vele nami ebengizimisele ngokusithatha.
“Kungumsebenzi wami ukuqinisekisa ukuthi uma ngisenkundleni, iChiefs ngiyenzela konke okuhle kwazise iyiqembu elikhulu kuleli.
“Ngifike eNingizimu Afrika sengikuqonda ukuthi nginenhlanhla kangakanani nokuthi kuzobhekisiswa kangakanani engikwenzayo.
“Ngifikele eqenjini eliphethwe ngesinono esibabazekayo ngakho-ke ukwamukelwa abalandeli ngale ndlela okwenzeke ngayo kuvele kwenza ngazizwa ngisekhaya kakhulu,” kuqhuba uCastillo.
Mayelana neRichards Bay uthe: “Akusafanele siwudedele umgqigqo njengoba sesiwubambile kule midlalo edlule ngakho-ke nakulokhu sibheke iwini yize sikuqonda ukuthi sibhekene neqembu elinezalo izimfuno.”
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namhlanje - Ngo-3.30pm: Chippa United v Polokwane City (Nelson Mandela Bay); Golden Arrows v TS Galaxy (Mpumalanga Stadium); Royal AM v Moroka Swallows (Harry Gwala Stadium).
Ngo-5.45pm: SuperSport United v Orlando Pirates (Peter Mokaba Stadium).
NgeSonto - Ngo-3.30pm: Cape Town City v Mamelodi Sundowns (DHL Cape Town Stadium).