ISITOBHA esiyibamba kwiSekhukhune United, uDaniel Cardoso, siyibheke ngabomvu iNedbank Cup kwazise uma beyinqoba, kuzobe kungokokuqala ehlabana ngendondo yegolide kusukela afika ngo-2012 esigabeni esikhulu ebholeni lakuleli.
Iqembu likaCardoso (34), osanda kuhlokoloza iziqandu ngokuba nombono ngembangela yokuqhubeka kwendlala yezinkomishi kwiKaizer Chiefs abeyidlalela phambilini, lizodudulana ne-Orlando Pirates kowamanqamu eNedbank Cup ngoMgqibelo ngo-6 ntambama, eLoftus Versfeld, ePitoli.
UCardoso ohlale iminyaka eyisikhombisa kwiChiefs ngaphandle kokuqukula inkomishi, usanda kuziqhatha nolaka, lukaKaizer Motaung Jnr, oyisikhulu esiphezulu kuleli qembu ngokuphawula ngokwenza iChiefs, ka-Arthur Zwane, ibe kude kakhulu nokuwina izinkomishi.
NgokukaCardoso owakhuluma ngo-Ephreli, iChiefs igqishe kakhulu ngabafana abancane ngakho-ke kusazoyithatha isikhathi eside ukuthi ibuyise izinsuku zayo zodumo.
Lo mdlali uphinde wakuchaza njengephutha ukudedelwa kalula kwabadlali asebenokhakhayi oluqinile njengaye ngesizini edlule.
Akuzange kwehle kahle lokhu kuMotaung ophendule inkulumo yalo mdlali kweminye yemisakazo, ethi ungowokugcina ukuphamula ngezinkomishi ngoba akaze anqobe lutho futhi kule minyaka ayihlale kuMakhosi uhlulekile wukusiza iqembu.
“Kungaba ibhadi ukuthi ngize ngiqede ukudlala ibhola elikhokhelayo ngingazange ngiyiqukule indebe ngakho-ke ngiyibheke kakhulu le esizoyibanga nePirates,” kusho uCardoso.
“Iminyaka yami ikhomba ukuthi sengimdala ngokwebhola laseNingizimu Afrika (okuyinto engingayiqondi) ngakho-ke kungakuhle ukuyivala ngokusiza iSekhukhune iwine indebe yokuqala ngonyaka wayo wesibili esigabeni esikhulu.
“Ngiyakwazi okufanele ngikwenze njengomholi ukuze abafana bancane bezobona indlela okufanele bahambe ngayo kulo mdlalo engingangabazi ukuthi uzobe ulukhuni satshe.
“Ngiphupha ngaso lesi sicoco ngoba ngiyazi siyifanele kangakanani iSekhukhune,” kusho uCardoso.
Ngakolunye uhlangothi, ukaputeni weZimnyama, u-Innocent Maela, uthe akafuni ukuthi baphindwe okwabenza kowamanqamu eTelkom Knockout ngo-2018 bejikelwe elinye iqembu elithathwa njengamancane. Nakuwona lo mdlalo, ezikaMaela zazithwelwe ngeqoma zidlala neqembu elingenamlando wezindebe kodwa iBaroka FC yababamba ngo 2-2, yanqoba kumaphenathi.
“Ngikholwa wukuthi iqembu ladlala kahle kakhulu kulowo mdlalo wamanqamu ngo-2018, lazinikela ngakho konke kodwa ekugcineni kwangahamba kahle. Kwenye inkathi izinto zenzeka kanjalo futhi ngeke sikushintshe lokho.
“Sinethuba lokukulungisa lokho kulo mdlalo wamanqamu ozayo. Yithuba eliyingqayizivele ukudlala komunye wamanqamu naleli qoqo labadlali futhi sizozimisela. Njengoba ngike ngasho, kunezinto ongeke ukwazi ukuzilawula, ekugcineni uNkulunkulu ozonquma ukuthi ubani ohamba nendebe. Ngethemba ukuthi uzovuna thina,” kusho uMaela.
IPirates neSekhukhune basanda kubhekana emasontweni amabili edlule koweDStv premiership ophele zibambene ngo 1-1.
“Sizozilungiselela noma yisiphi isimo. Sizolungiselela ukubhekana neqembu elizosihlasela, kwazise kuzobe kungumdlalo wamanqamu, kodwa sizophinde silungiselele nokudlala neqembu elizohlala emuva lizame ukusihlasela ngesivinini,” kubeka uMaela obheke ukuphakamisa indebe yesibili kule sizini ngemuva kokuthi benqobe iMTN 8.