KUQAPHELEKE izimpawu zokubambela i-Orlando Pirates igqubu kuDaniel Cardoso ongomunye wabaholi beSekhukhune United, osathuthumela ngenxa yokunenebulwa ileli qembu laseSoweto ngo 5-0 kwiMTN8 ezinyangeni ezedlule njengoba bezobhekana emdlalweni weDStv Premiership namuhla ngo-7.30 ebusuku, e-Orlando Stadium.
Ompetha beMTN8 okuyiPirates badlula ngehubo kwiSekhukhune kowe-quarter final yalo mqhudelwano, lapho uZakhele Lepasa ashaya amagoli amathathu kwathi uNdabayithethwa Ndlondlo noMonnapule Saleng, bahlukaniselana amabili ngo-Agasti khona eSoweto.
Akazange azame ukukufihla uCardoso ukuthi indlela iPirates eyabukisa ngabo ngayo begcina ukubhekana, iyaphoqa ukuthi baye kulo mdlalo beqonda ukuthi kufanele babuyise isithunzi sabo.
Lesi sitobha esizakhele igama sisagijima kwiKaizer Chiefs besikhuluma esithangamini nabezindaba kulandela ukukhishwa kwabo yi-TS Galaxy sekukhahlelwa amaphenathi kwi-quarter final yeCarling Black Label Knockout ngoMgqibelo odlule.
"Ngicela ukuqala ngokucacisa ukuthi umbono wokuthi iPirates iyazenzela kithina awulona iqiniso ngoba ngesizini edlule ayizange isishaye kepha ibukise ngathi kwiMTN8 yangale sizini," kusho uCardoso ephendula umbuzo wokuthi bazoyimela kanjani iBucs ngoba ihlale izenzela kubona.
"Basishaye ngo 5-0 ngakho-ke akulula ukuyikhohlwa leyo nto njengoba sizobhekana nabo. Kusemqoka ukuthi sibhukule sonke sikhombise ukuthi singamadoda, hhayi abafana siziphindisele kwiPirates ngokuqoqa amaphuzu agcwele.
"Kuyasiphoqa ukuthi sikhohlwe imiphumela yakamuva sibheke iPirates ngqo bese sikhulekela ukuthi amathuba esiwakhayo asebenze kulokhu ngoba sesiwalahle kakhulu amaphuzu imidlalo siyiphethe.
"Angigxeki abagadli bethu kepha iqembu lonke kumele likufunde ukuthi kusuke kungaphelile ngathi uma sesingenelwe igoli noma amabili. Inkinga yethu namakhanda avele ashone phansi uma kuke kwaba sengathi esikuzamayo akulungi kodwa nali ithuba lokulungisa ngeqembu elisibukanise nezwe lisinenebula kwiMTN8," kuphetha uCardoso.
Lo mdlalo kulindeleke ukuthi ushube impela kwazise uCardoso ukhuluma kanjena nje, nomqeqeshi weZimnyama, uJose Riveiro, utshele abezindaba ukuthi bafuna ukuvuka ngayo iBabina Noko. Ubekhuluma ngemuva kokuthi nabo bewashiswe ijezi iRichards Bay kwiCarling KO.
Khonamanjalo: Amahemuhemu aqhamuke izolo abethi seligcwale umoya ibhantshi, kuBrendon Truter, opheka iBabina Noko.
Nakuba la mahlebezi ebengaqinisekisiwe kodwa abekhomba uMcDonald Makhubedu, njengomqeqeshi ozobamba ngesikhathi iqembu lisathungatha ozovala isikhala sikaTruter.
Imidlalo yeDStv Premiership:
Namuhla - Ngo-7.30pm: Cape Town City v Chippa United (Cape Town Stadium); Stellenbosch v Richards Bay (Danie Craven); Orlando Pirates v Sekhukhune United (Orlando Pirates); Royal AM v Lamontville Golden Arrows (Harry Gwala Stadium).
Kusasa - Ngo-7.30pm: Polokwane City v SuperSport United (Old Peter Mokaba Stadium); Kaizer Chiefs v Cape Town Spurs (FNB Stadium).