UHUGO Broos oqeqesha iBafana Bafana uzwakalise ukungenami ngokubona umdlali weMamelodi Sundowns, uKhuliso Mudau, edlala ngempelasonto edlule ngesikhathi le liqembu libhekene neKaizer Chiefs kowandulela owamanqamu weMTN8.
UMudau olamulele iSundowns igcina ibambana ngo 1-1 neChiefs kulo mdlalo womlenze wokuqala obusekuhambeni, ubengomunye wabebehoxisiwe kwiBafana ngenxa yokulimala.
Ubebizwe eqenjini lakuleli elilungiselela ukudlala neNamibia neDemocratic Republic of Congo (DRC) kowobungani ose-Orlando Stadium ngoMgqibelo nangoLwesibili.
UBroos obenesithangami nabezindaba ngoMsombuluko uzwakale enokunengeka ngokwenzeke kulo mdlali.
UThemba Zwane noTebogo Mokoena, bobabili beSundowns ngeke basaba yingxenye yesikwati ngenxa yokulimala.
“Silinyalelwe ngabadlali abayisikhombisa kule khempu okukhona kubona noKhuliso (Mudau), kodwa obesenkundleni waze washaya ngisho igoli ngoMgqibelo odlule,” kusho uBroos enkulumweni eqoshiwe nabezindaba ethunyelwe yithimba leSafa.
“Ukuthi uMudau udlale kanjani elimele asazi ngoba akekho oseke wazihlupha ngokusazisa ngokululama kwakhe,” kuqhuba lo mqeqeshi.
UBroos usekhuluma kanjena, phambilini izimpendulo zakhe uma ebuzwa ngokungamqoki uMudau, ubesinika isithombe sokuthi akanankinga ngokungabikhona eqenjini lakhe.
Uke wakusho ukuthi ugculisekile ngomsebenzi noma akunikwa uNyiko Mobbie noThapelo Morena kwesokudla emuva, okuyindawo edlalwa nguMudau.
NgoMashi nonyaka uBroos uphumele obala ngokuthi uMobbie akakaze amphoxe, ngakho-ke akasoze amshiya ngaphandle.
Ukushilo lo mqeqeshi nokuthi okwenza amzibe uMudau, yize abezindaba behlale bemxina ngokuthi uyi-DStv Premiership Defender of The Season, uzakwabo kwiSundowns uMorena ufana nabadlali ababili ngoba naphambili uyakwazi ukudlala ngokukhululeka.
“Angilwi noMudau futhi angimngabazi ukuthi ungesinye sezitobha ezigqamile ezweni kodwa uMobbie akakaze angenzele phansi kanti uMorena ukwazi ukudlala emuva kwesokudla futhi uyakwazi ukudlala phambili. Ngakho sinokuthe xaxa kuMorena.
“UMudau uqinile, ngiyakwazi lokho kodwa mhlawumbe sidinga okungaphezulu kwalokho futhi ngicabanga ukuthi mhlawumbe uMorena uqinile uma kumakwa kunoMudau, yisinqumo lesi engisithathile,” kusho uBroos.