UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, uzwakala eshoda ngokugiya uma encoma iqembu lakhe ngokulungela imidlalo emqoka yangonyaka ozayo.
Ngonyaka ozayo iBafana imelwe wukulwela ukubalwa namazwe amabili azoqeda eqhwakele eqoqweni K lapho eqhathwe khona neMorocco, Liberia neZimbabwe kweyokuhlungena i-2023 Africa Cup of Nations.
NangoLwesine ebusuku ucishe wagiya exoxa nabezindaba emuva kokuthi ezakhe ziguqise kowokungcweka, obunganakwe muntu, iMozambique ngo 2-1 eMbombela Stadium, eMbombela.
Amagoli ezikaBroos abaselwe nguBongokuhle Hlongwane, obalwa nengcosana yabadlali beqembu lesizwe abazinze phesheya. Udlala e-USA.
IMozambique, ilishaye kuqala igoli kanti uWilliams ubeseyiphe elesibili kodwa ibhola aliphasele umgadli wezivakashi liphethe ngokushaya ipali.
UBroos umsolile uWilliams ongukaputeni nesethenjwa sikanozinti wakhe kodwa akasabanga ukugcizelela ukuthi sebeyilungele imidlalo yangonyaka abazohlungela ngayo ukuya kwi-2022 Africa Cup of Nations.
“Akusikho nje kuphela ukuthi sinqobile kodwa nendlela esinqobe ngayo ibalulekile. Siqale ngebatha saze salandela ngemuva ngo 1-0,” kusho uBroos.
“Umdlalo besiza kahle ukuwuphatha kusuka uqala kodwa sazenzela phansi ngamaphutha ethu. Kuba nzinyana uma amaphutha ezokwenziwa nangabantu abafana noRonwen ngoba yinto engajwayelekile kuye leyo.”
“Uma kukhona unozinti esingavumelana ukuthi umnandi ezinyaweni, nguRonwen kodwa namuhla (ngoLwesine) kuze kwaba kabili enza izinto ezisifake engozini.
“Nokho okube kuhle wukuthi akuholelanga emathubeni eMozambique okusimboza. Sibe sesiwuphatha umdlalo emuva kwalokho sidlala ibhola elihle nelihehayo.”
Ngonyaka ozayo iBafana izobuya ngeLiberia ngoMashi emilenzeni emibili kweyokuhlunga kodwa kusasa izongcweka ne-Angola khona eMbombela ntambama.
“Akusikho nje ukuthi ngijabule kodwa ngiyazidla ngaleli qembu. Basaqhubeka nalokhu abakwenze ngoSepthemba. Uma sizosonga lekhempu kahle ngizosho nginganazi ukuthi sesiyilungele ngaphezu kokwanele imidlalo emqoka yangonyaka ozayo,“ kusho uBroos.