Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, uwabeke kuThemba “Mshishi” Zwane amathemba okuhamba ibanga elide emqhudelwaneni i-Africa Cup of Nations (Afcon) oqhubeka e-Ivory Coast.
IBafana ibuyise ithemba ngokubhudluza iNamibia ngo 4-0 emdlalweni wesibili wayo weGroup E ngeSonto ebusuku, e-Amadou Gon Coulibaly Stadium, eKorhogo.
UZwane (34), oyinsika yeMamelodi Sundowns, ube yiqhawe leBafana ngokuyishayela amagoli amabili. Lokhu kuyibeke endaweni engcono kuleli qoqo kwazise iliqale ngenduku eyithole kwiMali.
IBafana inyukele endaweni yesibili ngamaphuzu amathathu kwiGroup E. Ilandela iMali eseqhulwini ngamaphuzu amane. INamibia isendaweni yesithathu ngamaphuzu amathathu. ITunisia iyibambe emsileni ngephuzu.
EzikaBroos ziya kowakusasa ngo-7 ebusuku neTunisia eKorhog, zazi ukuthi zinethuba lokudlulela kwi-last 16 uma zingagwema induku kwazise nasemgodleni wamagoli sekuhamba kahle.
Uma iBafana idlala ngokulingana neTunisia, isenalo ithuba lokudlulela phambili kodwa lokhu kuzoncika emphumeleni womdlalo weNamibia neMali (abadlala ngesikhathi esifanayo).
Ngaphezu kwalokho, uma iqede endaweni yesithathu eqoqweni, inethuba lodlulela phambili njengelinye lamaqembu amane aqede kangcono endaweni yesithathu.
Ukuthola kweBafana umphumela ongaphansi kwephuzu kowakusasa neTunisia, kuzobe kusho ukuthi sekusele ukubamba umoya nemikhuleko kuphela.
UBroos uthe uZwane wuyena ozokwenza iBafana ihambe ibanga elide kwi-Afcon.
“Umphumela esiwuthole kwiNamibia, uncike enjinini yethu enguZwane futhi engicabanga ukuthi yiyona ukhiye wokuthi sihambe ibanga elide kulo mqhudelwano,” kusho uBroos kwividiyo ethunyelwe yithimba labezindaba leSouth African Football Association (Safa).
“Sengikusho kaningi lokhu, sonke siyazi ukuthi uma uZwane esemdlalweni, noma kanjani iBafana izoba semadlalweni. Kulo mdlalo besimcele ukuthi ayishintshe indlela ayijwayele kodwa bekuzifanela nje.
Akadingi ukuqeqeshwa ngoba uyakwazi konke okufanele akwenze ngesikhathi okufanele akwenze ngaso,” kugcizelela umqeqeshi ngalo mdlali onamagoli ayisishiyagalolunye kwiBafana emidlalweni engu-39.
Kumhlabe umxhwele uBroos ukuthi abadlali bakhe bafundile emaphutheni abo abawenze koweMali.
“Okujabulisa ngalo mphumela wukubona umvuzo wokuhlala phansi nabadlali sibachazele ngamaphutha abawenze koweMali nangobumqoka bokuyishintsha indlela yokudlala uma kuphoqa.
“Asizange sidlale ngendlela esijwayelwe ngayo ngoba bekuphoqa. Ayikho inkinga ngokushaya ibhola phambili, uma kuyingozi ukuligcina.
“Ngisho ngabe lelo bhola alitholi muntu kodwa kugcono kunokuligcina okulandelwa wukungena kwamanzi endlini. Sidlale ibhola elingenayo imithetho eminingi, kwasilungela,” kuphetha uBroos.