AKAZANGE akufihle ukucasuka kwakhe umqeqeshi weBafana, Bafana, uHugo Broos, ngombozo odlalwe yiqembu lakhe ngesikhathi libambana ngo 0-0 ne-Eswatini kowobungani ngoLwesihlanu.
Ukhumbuze abadlali ngobumqoka bokuzinuka amakhwapha ngaphambi kokubhekana ne-Ivory Coast komunye wobungani kusasa ngo-9 ebusuku, eStade Felix Houphouet-Boigny.
Lokhu uBroos ukutshele ithimba labezindaba leSouth African Football Association (Safa) ngeledlule, e-FNB Stadium, eSoweto.
Uthe ulindele ukubona iqembu elihlukile uma sebedlala ne-Ivory Coast.
IBafana iye kowe-Eswatini ithwelwe ngeqoma ukuthi izozidlela amahlanga kwazise nabadlali bazobe bephapheme njengoba isisondele eyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 ne-Africa Cup of Nations (Afcon) ngonyaka ozayo ngakho kufanele bathathe iso likaBroos.
Okucace enkulumeni kaBroos ukuthi usale eshaqekile ngakubone eqenjini lakhe ingakho ebaxwayise ngobungozi bokuzithela ngabandayo kweminye imidlalo.
“Kube inhlanhla ukuthi besibhekene neqembu elisezingeni le-Eswatini ngoba ukuba bekungelinye ngabe kukhulunywa okunye,” kusho uBroos.
“Sishaye udaka kwamina olungishiye ngingakholwa ukuthi iqembu eliqeqeshwa imina leli. Ngizithole ngifikelwe ukuhleka, kwabuye kwafika ukucasuka ngenxa yembudane esiyidlale kuzona zombili iziwombe.
“Akukho esikwenze ngendlela kuzona zombili iziwombe zalo mdlalo. Konke obekulwelwa, sihluliwe kukona futhi kunezikhathi lapho sisinde khona ngokulambisa,” kulandisa lo mqeqeshi.
Ngaphandle koVeli Mothwa, Njabulo Blom, Nkosinathi Sibisi noKhanyisa Mayo, bonke abanye abaqale umdlali bathathwa njengezithenjwa zikaBroos.
Kulabo badlali kukhona uNyiko Mobbie, Themba Zwane, Lyle Foster, Tebogo Mokoena, Siyanda Xulu noMihlali Mayambela ukukha phezulu.
NgokukaBroos, abadlali bakhe bayithathe kancane i-Eswatini okuyinto ayichaze njengenobungozi obuyisimanga.
“Emuva komdlalo ngibatshelile abadlali ukuthi kusemqoka ukuthi bazinuke amakhwapha, wonke umuntu azibheke yena ukuthi uwenze ngendlela yini umsebenzi obubhekwe kuyena?
“Ngalokhu bengibaxwayisa ngobungozi bokuthatha kancane izitha ngokwesithunzi sazo. Uma uzokhumbula indlela esidlale ngayo kwiMorocco, uphinde ubuyele endleleni esigijime ngayo eLiberia kweyokuhlungela i-Afcon, akukholakali ukuthi kusengabadlali abafanayo,” kuqhuba yena.
Ukushilo lo mqeqeshi nokuthi ubatshelile abadlali bakhe ukuthi owe-Ivory Coast kufanele bakhombise ngawo ukuthi abekho ntekenteke.
“Baphoqelekile ukugeza amagama abo ngowe-Ivory Coast engingangabazi ukuthi uzobe unzima. Yebo, besikhala ngokungezi kwabalandeli enkundleni kodwa akumele babuke le nto ebesiyidlala. Kumele sibahehe ngendlela esidlala ngayo,” kuphetha uBroos.
Osokhaya be-Afcon okuyizitha zeBafana kusasa, i-Ivory Coast ibambane ngo 1-1 neMorocco kowobungani ngoMgqibelo, kuyona le nkundla okuya kuyona iBafana.