UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, uhlalele ethembeni lokuthi kuzofika imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba besesimeni esihle abagadli bakhe, uLyle Foster weBurnley yase-England, no-Evidence Makgopa we-Orlando Pirates.
NgoLwesine olwedlule, abafana balo mqeqeshi babambane ngo-1-1 ne-Andorra kowobungani obuse-19 May 1956 Stadium, e-Algeria.
Leli lizwe elikleliswe phansi emhlabeni ilona eliqale labona imbobo yepali ngegoli elishaywe uRicard Betriu kusaphele imizuzu emihlanu kuqale umdlalo.
EleBafana linamathiselwe enethini u-Elias Mokwana ogijima kwiSekhukhune United.
Kusasa ezikaBroos zizobhekana ne-Algeria komunye wobungani, ngo-11 ebusuku, eNelson Mandela Stadium, kulona leliya zwe.
Ngemuva kwalo mdlalo uBroos uyincomile indlela abafana bakhe abadlale ngayo. Nokho uphinde wazwakalisa ukungenami ngendlela abayeke ngayo amathuba.
Ukhala ngokuthi ezakhe ziyeke inqwaba yamathuba.
Akakufihlanga ukuthi sekuphele iminyaka elakuleli linenkinga yokungabi nabagadli abavutha bengabaselwe phambi kwamapali.
Nayizolo ekhuluma nethimba labezindaba leSafa ngamalungiselelo omdlalo we-Algeria, uwaphindile la mazwi.
Kowe-Andorra ubegadla ngoKhanyisa Mayo weCape Town City obelekelelana noPatrick Maswanganyi wePirates.
Ngokuhamba kwesikhathi ufake umgadli weStellenbosch, u-Iqraam Rayners. UBroos ukugcizelele ukuthi yize laba bagadli bewashaya amagoli kwiDStv Premiership kodwa okugqamile wukuthi izinga lehlukile ebholeni lomhlaba.
"Sibe nohambo oluhle kakhulu e-Algeria, asihambanga ibanga elide. Ngijabule, ngaphandle kokuthi sihlulekile ukusebenzisa amathuba esiwatholile.
“Bekumele sithole noma amagoli angaphezulu kwelilodwa. Seyidonse iminyaka inkinga yokungabi nomgadli ovuthayo eNingizimu Afrika. Inkinga ukuthi liphansi ngezigaba ezimbili izinga leDStv Premiership uma liqhathaniswa nezinga lomhlaba. Kuba nzima ngisho kubadlali abashaya amagoli kalula (kwiDStv Premiership) njengoMayo no-Iqraam Rayners," kubeka uBroos ethimbeni leSafa.
Uthe kusasa uzonika abanye abadlali ithuba. Uthe uRayners ukwazobaqalisa umdlalo. Ngokunganqobi ngeledlule uziseke ngokuthi bebengakho abagadli bakhe uLebo Mothiba odlala eFrance (olulama ekulimaleni), Foster owacela ukungabizwa kwelesizwe ngoba esabhekene nenkinga yokungabi sesimeni esihle ngokomqondo, noMakgopa wePirates naye olimele.
“Kule midlalo bebengekho abagadli bami abathathu. ULyle Foster, Lebo Mothiba no-Evidence Makgopa. Ngethemba ukuthi bazobe besesimweni esihle ngoJuni emidlalweni yokuhlungela imidlalo yeNdebe yoMhlaba. Ngiyambona uMothiba, ngithemba ukuthi uMakgopa noFoster bazobe bekhona,” kusho Broos.
UBroos usanda kutshela abezindaba ukuthi uhlela ukuhlangana noFoster nomqeqeshi weqembu lakhe uVincent Kompany ukuze athole kahle ngesimo sakhe nokuthi usazimisele yini ngokuthi abuye abizwe kwiBafana.
Kulo nyaka owokuqala wokuhlungela eyomhlaba iBafana izowudlala neNigeria ngoJuni 3. Owesibili ngoweZimbabwe, ngoJuni 10. UBroos uthe umdlalo we-Algeria uzoba nzima.
Ukholwa wukuthi izolwela ukubuyisa isithunzi njengoba iphume esigabeni samaqoqo kwi-Africa Cup of Nations ebise-Ivory Coast.
"I-Algeria idlale ibhola elihle ngesikhathi ibhekene neBolivia. Nakithina izoba ingozi, ibe neshwa lokuthi ikhishwe esigabeni samaqoqo. Ngibonile ukuthi beyifuna ukuziveza ikakhulukazi kumqeqeshi omusha. Nathi sizokwenza ushintsho ngoba sizodlala neqembu elehlukile,“ kusho uBroos.