UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos uthe yize bebefuna ukuwunqoba umdlalo, wenelisekile ngendlela ezakhe ezidlale ngayo zibambana ngo 1-1 ne-Andorra emdlalweni wobungani, e-Annaba, e-Algeria, ngoLwesine ebusuku.
U-Elias Mokwana obeqala ukudlala eqenjini likaBroos, nguyena olamulele iBafana eshaya igoli lokulinganisa ngesiwombe sokuqala ngemuva kokuba i-Andorra kuyiyona eshaye igoli kuqala kulo mdlalo obudlalelwa e-19 May 1956 Stadium, e-Annaba.
Lo ngumdlalo weBafana wokuqala kwemibili yobungani njengoba izodlala owokugcina nosokhaya, i-Algeria, eNelson Mandela Stadium, eBaraki, e-Algeria, ngoLwesibili ngo-11 ebusuku.
“Bayiqembu elidlalela emuva nelisebenzisa izikhwepha baqala ngokudlala indoda ngaphambi kwebhola.
“Khona singenelwe yigoli elilula kodwa ngemuva kwalo sikwazile ukuthola amathuba amaningi okushaya amagoli engikholwa wukuthi ukuba siwasebenzise ngendlela besingawunqoba lo mdlalo.
“Nokho nganelisekile ngendlela esidlale ngayo yize kungewona omphumela ebesiwufuna lo ngoba besifuna ukuwunqoba lo mdlalo,” kusho uBroos, ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.
Uthe yiqembu elisha leli ebebedlala ngalo, kodwa uhlabeke umxhwele ngakubonile kwabanye balaba badlali abebedlala nabone ukuthi bangaphinde bathole elinye ithuba emdlalweni olandelayo neyangoJuni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
Uqhubeke ngokuthi abadlali bakhe, ikakhulukazi labo abangajwayele ukubizwa eqenjini lesizwe kukhona abakufundile ngokudlala neqembu elinjenge-Andorra.
“Ngikholwa wukuthi sifunde lukhulu kubona (i-Andorra), iyiqembu okungelula ukubhekana nalo.
“Ngicabanga ukuthi kukhona abakufundile laba badlali abebedlala okokuqala eqenjini lesizwe, bawubonile umehluko okhona phakathi kwePSL nemidlalo yalolu hlobo phezu kokuba besidlala neqembu elikleliswe endaweni ephansi ngokwezilinganiso zeFifa.
“Nokho inkinga ngebhola laseNingizimu Afrika wukuthi asinaye umgadli obukhali, okwazi ukusebenzisa ithuba elincane nje alitholayo abhakuzise inethi.
“Buka nje amathuba amaningi kangaka esiwatholile kulo mdlalo kodwa sashaya igoli elilodwa kuphela.
“Ukuba besiwasebenzise ngendlela amathuba kulo mdlalo, ngabe sikhuluma enye indaba manje,”kuqhuba uBroos, owaziwa ngokungalali endleleni.
Kulo mdlalo wangoLwesine uBroos uqale ngabadlali abane abebeqala ukudlala kuleli qembu lakhe, okungoMokwana, uThapelo Xoki, uMlondi Mbanjwa noPatrick Maswanganyi.
Ngemuva kwale midlalo yobungani, iBafana izobhekana neNigeria kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoJuni 3.