UMQEQESHI weBafana Bafana uHugo Broos ugabe ngesipiliyoni sabeMamelodi Sundowns emidlalweni emibili emqoka ka-Group K neLiberia okufanele ayinqobe noma yikanjani uma ebheke indawo kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngonyaka ozayo.
Ukungabambeki kweSundowns kwiDStv Premiership nakwiCaf Champions League kumqinisa idolo uBroos, yize ekucacisile ukuthi akakuthandisisi ukuqoka abadlali abaningi eqenjini elilodwa.
Bayisishiyagalombili abadlali beSundowns eqhobozela kwasani olubekwa phambi kwayo, abaseqenjini likaBroos eliqala neLiberia ngoMashi 24 ngo-6 ntambama, e-Orlando Stadium.
Kuzodlula izinsuku ezine la mazwe aphinde abhekane eMonrovia, eLiberia.
IBafana idinga okungenani amaphuzu amane kule midlalo emibili esondelene kwazise (iBafana neLiberia) bakhale ngaphansi kwiMorocco eqhwakele eqoqweni ngamaphuzu ayisithupha.
Abadlali beSundowns abaqokiwe, ukaputeni, uRonwen Williams, Thapelo Morena, Aubrey Modiba, Mothobi Mvala, Grant Kekana, Teboho Mokoena, Cassius Mailula noThemba Zwane. Iqembu limenyezelwe izolo eGoli.
“Eqinisweni angithandisisi ukuba nabadlali abaningi kangaka abasuka eqenjini elilodwa ngoba lokhu kuchaza ukuthi amanye amaqembu awanabo abadlali bohlobo oluthile.
“Lokhu akudwebi isithombe esihle ngebhola lalelo zwe ngoba kufanele ngabe ngiphathwa yikhanda uma ngicabanga isikwati ngoba wonke amaqembu enabadlali abawuhlobo oluthile.
“Ngisho ngizama ukucabanga abanye uma kuvuleka izikhala ngikhumbula abadlali beSundowns ngoba indlela edlala ngayo ngabe iseNingizimu Afrika noma imidlalo yeCaf kuyafana.
“Konke okubekwa phambi kwayo iyakuqhobozela futhi ayinqobi nje ngegoli elilodwa, abangaphezulu.
“Banaso sonke isipiliyoni namava adingeka kule midlalo emibili esiya kuyona ngakho-ke angingabazi ukuthi bazoba usizo olukhulu kuyona,” kuqhuba uBroos.
Lo mqeqeshi akafihlanga ukuthi kungani besale ngaphandle abanye abadlali abebuzwa ngabo, okubalwa uNeo Maema, Khuliso Mudau, Kabomelo Kodisang noLyle Lakay.
Uthe kuningi abakubhekayo uma bezobiza umdlali njengoba benzile kuKodisang abayibonayo ifomu yakhe kodwa abamshiyile ngoba kudingeka abadlali ababaziyo hhayi abasazobabheka.
“Bonke abadlali abangekho nathi manje akusho ukuthi usuvaliwe umnyango kubona. Kule midlalo emibili siphoqelekile ukuwina ngakho-ke asikwazi ukulanda abadlali okusenezinto okusafanele sizifunde ngabo,” kusho uBroos.
Ephendula umbuzo ngokunqoba le midlalo ezayo, uzofaka umoya wokuzethemba kubadlali ukuthi bazonqoba kumnyama kubomvu.
Lo mqeqeshi ube esenxenxa abalandeli bebhola kuleli ngokuphuma ngobuningi bazokweseka iqembu lesizwe ngosuku lomdlalo.
Sesisonke isikwati sikaBroos simi kanje:
Onozinti: Ronwen Williams, Veli Motha noRicardo Goss.
Izitobha: Siyanda Xulu, Innocent Maela, Nkosinathi Sibisi, Grant Kekana, Aubrey Modiba, Mothobi Mvala, Thapelo Morena, Thapelo Maseko noNyiko Mobbie.
Esiswini: Njabulo Blom, Luke Le Roux, Tebogo Mokoena noSiphephelo Sithole.
Abagadli: Bongokuhle Hlongwane, Lyle Forster, Percy Tau, Mihlali Mayambela, Cassius Mailula, Zakhele Lepasa, Themba Zwane noMonnapule Saleng.