UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, ufuna abadlali bakhe basike iphethini eqenjini lesizwe lakuleli lebhola lombhoxo, amaBhokobhoko, agila izimanga koweNdebe yoMhlaba.
IBafana izodlala ne-Ivory Coast emdlalweni wobungani ekuhambeni namuhla ngo-9 ebusuku. Ngesonto eledlule, ishaye into phansi idlala ngokulingana ngo 0-0 neSwatini eFNB Stadium. Lokhu kushiye uBroos enganeme, wangakufihla ukuthi imcasulile indlela abadlale ngayo.
Emuva kokuthi amaBhokobhoko ekhombise ukuzinikela, abhukula kunzima ehlula iFrance kuma-quarterfinals eNdebe yoMhlaba ngeSonto ebusuku, uBroos uthe kuningi okufanele bakufunde kuleli qembu. AmaBhokobhoko alwela ukuvikela isicoco asinqoba eJapan ngo-2019, asedlulele kowandulela owamanqamu azowudlala ne-England ngoMgqibelo.
"Kulula ukukushintsha lokhu ngoba phambilini abadlali bakhombisile ukuthi bangadlala. Basezingeni eliphezulu, lokho akubuzwa. Ngicabanga ukuthi bekuwumqondo nje, mhlawumbe wukubukela phansi iqembu ebesidlala nalo. Besingekho esimeni kusukela kuqala umdlalo.
“Kodwa ngiyethemba ukuthi kusasa sizokhuluma okuhlukile ngoba bayazi ukuthi bazodlala ne-Ivory Coast. Bazogxilisa umqondo eqenjini esizodlala nalo nasemdlalweni kakhulu kunangoLwesihlanu. Angivumelani nalokho ngoba bangabadlali besigaba esiphezulu futhi kufanele bakwenze kuyona yonke imidlalo. Uma ubheka umdlalo wayizolo ebusuku (owamaBhokobhoko) elinye iqembu elimele iNingizimu Afrika ngothando nangendlela elidlala ngayo, ngicabanga ukuthi kuningi esingakufunda kulona," kusho uBroos ethimbeni labezindaba leSouth Africa Football Association.
IBafana izicijela imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezoyidlala neBenin ngoNovemba 13 neRwanda ngoNovemba 20. Emuva kwalokho izodlala emqhudelwaneni i-Africa Cup of Nations e-Ivory Coast ngoJanuwari. Akubuzwa ukuthi uBroos ulindele umdlalo ongcono kubafana bakhe kwazise awusekho omunye umdlalo wokungcweka abasazowudlala.
"Kuzoncika kubadlali kwabazokwenza nangomqondo ngoba ngoLwesihlanu bekuwumdlalo obhedayo ngakho konke. Izinga lebhola elidlaliwe, uthando, bekungekho lutho. Ngakho nginesiqiniseko sokuthi bayakwazi lokho futhi ngoba sesikhulumile, bazobe bekulungele ukudlala kahle. Kukhona esesikwenzile ngokwamaqhinga okuthi sizodlala kanjani ne-Ivory Coast futhi bebezimisele. Ngifikelwe wumuzwa wokuthi eqenjini kukhona ukuthi ‘kwenzekile okwenzeke ngoLwesihlanu kodwa akukwazi ukwenzeka futhi’. Lokho kuyangijabulisa," kuphetha. uBroos.