UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, uphoxekile ngomdlali wasesiswini uNjabulo Blom, obeke izaba ngesikhathi ebizelwa ekhempini yeqembu lesizwe.
UBroos ubekhuluma ngesikhathi ememezela isikwati sabadlali abangu-23 abazodlala imidlalo emibili elandelanayo yokuhlungela umqhudelwano weNdebe yoMhlaba ka-2025. IBafana izogadulisana neBenin ngoNovemba 18 ngo-3 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Emdlalweni olandelayo ngoNovemba 21, abafana bakaBroos bazozama amaphuzu kwiRwanda eHuye Stadium. IBafana ikleliswe kuGroup C neZimbabwe, Lesotho, Rwanda, Nigeria neBenin. Esikwatini sikaBroos kukhona abasale ngaphandle okubalwa uBlom ogijima kuSt Louis City kwiMajour League Soccer (MLS), esanda kwehluleka emidlalweni yama-play-off.
“Uma ngiqoka umdlali kubalulekile ukuthi abe sezingeni eliphezu. Okwesibili kubalulekile ukuthi abe sezingeni eliphezulu. UNjabulo Blom usithumelele umyalezo ngoMsombuluko ethi akezi ekhempini ngoba ulimele ihlombe. Kujwayelekile ukuthi sicele umbiko kadokotela, ngakho siyicelile. Emuva kwezinsuku ezintathu, uNjabulo Blom wasithumelela umyalezo othi usekulungele ukudlala. Ngiyaxolisa futhi bekungekhona okokuqala. Akuwona umqondo olungile lona,” kubhoka uBroos.
“Abadlali engibaziyo futhi ngijwayele ukuzwa abadlali bekhuluma ngokulambela ukudlalela iqembu lesizwe. Kukuwena ukucabanga ukuthi wumqondo onjani lowo. Yingakho ngingamqokanga. Angicabangi ukuthi yiqembu (elinqabile) ngoba imidlalo iphelile. Ngakho udlale umdlalo wakhe wokugcina ngeSonto. Bahluliwe, ngakho baphumile kuma-play off. Ngakho akukho akwenzayo. Angikholwa wukuthi kuneqembu elingathi umdlali akangayi ukuyodlalela iqembu lesizwe. Alenzi lutho manje. Ngingasho ukuthi uNjabulo Blom akawacoshanga amaphuzu ngalesi senzo.”
UBlom uziphuthisele ngethuba lokuba senkundleni eminye imidlalo emibili ngoba iligi iMLS iyoze ivulwe ngoMashi. Kade kunamahlebezi okuthi uzobolekiswa kwelinye iqembu eMzansi.
IBafana kufanele izibambe ziqine kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoba yagcina ukuyithola ngo-2002. Idlale eka-2010 ngoba ingosokhaya.
“Kubalulekile ukuthi sekuphele isikhathi eside iNingizimu Afrika, yagcina ukuzibekisela indawo koweNdebe yoMhlaba. Yagcina ngo-2010. Ngiyaxolisa ukusho ukuthi leso kwakuyisipho ngoba ingosokhaya. Ngakho sekuphele iminyaka engaphezu kuka-20 iBafana yagcina ukuzibekisela indawo kulo mqhudelwano. Sekuyisikhathi sokuthi iNingizimu Afrika ingene kulo mqhudelwano. Sinomakhelwane iZimbabwe, Lesotho neRwanda. Kunzima. Lawo akuwona amaqembu amakhulu kodwa ayafuna ukuwina kwiNingizimu Afrika. Ngakho kubalulekile ukuthi siwine emidlalweni emibili esizoyidlala ngoNovemba. Lokho kuzofaka izimbangi ingcindezi futhi ngeke sisale ngemuva. Uma singemuva, kufanele uwine imidlalo elandelayo. Ngakho kufanele sikugweme lokho,” kuchaza uBroos.