USHAQWE ngamaphoyisa eqeda ukukhuluma enkonzweni yomngcwabo ngoLwesibili, owayengumxhumanisi weKaizer Chiefs nabalandeli, uLouis Tshakoane.
UTshakoane ubengesinye sezikhulumi ngoLwesibili, ePitoli, emngcwabeni ka-Alex Shakoane, obengumgqugquzeli wabalandeli kwiMamelodi Sundowns.
Ngokwemibiko amaphoyisa abe esemthatha ukuze ayobhekana necala lokuqola abantu imali athweswa lona ngo-2019.
Incwadi eyayigunyaza ukuthi uTshakoane nowakwakhe, uKomane Tshakoane, baboshwe yaphuma ngoMeyi 2019 kodwa kwavela ukuthi oKlebe namaphoyisa bahluleka bancama ukubathola.
Kuthiwa babeyingxenye yenkampani eyaziwa nge-Undercover Billionaires, eholwa yindodana yabo uLouis Tshakoane Junior, esolwa ngokuqola abantu imali ngokubathembisa inzuzo kodwa uma sebeyitshalile imali bangatholi lutho.
Le nkampani kuvela ukuthi yayingabhalisiwe ngokusemthethweni neFinancial Sector Conduct Authority, okuwuphiko lukahulumeni oluqapha izinkampani ezisebenza ngemali.
Icala lokuqala lavulwa ngoJulayi 2017, libhekene noTshakoane Junior, owazinikela emahhovisi oKlebe ngoMashi 2018, waphuma ngebheyili. Uphenyo lwagcina luveze ukuthi nabazali bakhe bayathinteka.
UTshakoane wasebenza kakhulu kwiChiefs ngeminyaka yo-1980 no-1990, enza umsebenzi wokuxhumana nabalandeli, ekwazi ukushukumisa inkundla ekhuthaza abalandeli.