U-JERMAINE Seoposenwe ube ngumdlali weshumi ukudlala imidlalo engu-100 eqenjini lesizwe lebhola labesifazane ngesikhathi libhekene neTanzania emdlalweni wokuhlungela ama-Olympic ngoLwesibili ebusuku.
Ukuhlanganisa kwakhe imidlalo engu-100 kwiBanyana Banyana kufake uSeoposenwe (30) ohlwini olukhethekile lwabadlali asebeke bafinyelela kulesi sibalo semidlalo kusukela leli qembu laqala ukudlala imidlalo yamazwe ngamazwe ngo-1993.
Ungomunye wabadlali abadlale kuwona wonke amaqembu esizwe. Wayeseqenjini lika-Under 17, iBantwana, eladlala eNdebeni yoMhlaba eTrinidad and Tobago. Kusukela ngo-2010 ,wayedlalela iqembu lika-Under 20, iBasetsana.
Wadlala okokuqala kwiBanyana ngawo u-2010, ibhekene neZimbabwe.
Eminyakeni edlule udlale emiqhudelwaneni emikhulu neqembu lesizwe okuhlanganisa nama-Olympics abeseRio, eBrazil, ngo-2016 neCosafa Cup ka-2018.
Waqala ukudlala kwiCaf Women’s Africa Cup of Nations ngo-2010 esenimyaka engu-17. Wayeyingxenye yeqembu elashaywa yiNigeria kowamanqamu ngo-2018, naleli elaba ngompetha base-Afrika ngo-2022.
Udlale eNdebeni yoMhlaba ngo-2019, ngesikhathi iBanyana ikhishwa esigabeni samaqoqo, nango-2023 lapho ifinyelele khona kwiLast 16.
“Kusho lukhulu kimina njalo uma ngingena enkundleni ngiyodlalela iqembu lesizwe. Ngineminyka engu-14 ngikwiBanyana. Baningi abantu abadlale indima enkulu ohambweni lwami neqembu lesizwe, ebuhleni nasebubini,” usho kanje uSeoposenwe ekhuluma nethimba labezindaba leSouth Africa Football Association.
“Ngibonga uNkulunkulu ngokungigcina isikhathi eside kangaka eqenjini lesizwe lapho ngithole khona inqwaba yabangani. Abaqeqeshi nososeshini (iSafa) babambe iqhaza ohambweni lwami. Ngifuna ukuqhubeka nokuba nalowo mqondo wokufuna ukuba ngcono nokulwela indawo yami eqenjini.”
Lo mdlali odabuka eKapa, waqala ukudlala ibhola kwiSantos FC ngaphambi kokujoyina i-University of the Western Cape (UWC) kwiSasol League.
Ube esefudukela phesheya kwezilwandle lapho ayedlalela iSamford University e-United States of America, iGintra Universitates yaseLithuania, iReal Betis yaseSpain, neSC Braga yasePortugal.
Ngo-2022, udlulele eMexico wayodlalela iFC Juarez, wayishiya nyakenye wajoyina elinye iqembu lakhona, iFC Monterrey.
Eqenjini lesizwe udlale ngaphansi kwabaqeqeshi okubalwa u-Augustine Makalakalane, Joseph Mkhonza noVera Pauw kodwa isikhathi esiningi usihlale nomqeqeshi osabambe izintambo, uDesiree Ellis.
“Ngicabanga ukuthi mina noDesiree sesihambe ibanga elide. Sesinesikhathi eside siseqenjini lesizwe ndawonye futhi sinobudlelwano obuhle ngoba, ngiyakwazi ukuya kuyena ngikhulume naye nganoma yini. Uyasiqonda njengabadlali futhi uyasilwela,” uqhube kanje.
“Wonke umqeqeshi udinga ukuqonda bonke abadlali, nokuyinto engicabanga ukuthi uyenza kahle. Sonke singabantu abahlukile, abadinga ukuphathwa ngendlela ehlukene. Uyakwenza lokho aphinde asikhuthaze. Angazi ukuthi sizoqhubeka isikhathi esingakanani ndawonye kodwa ngicabanga ukuthi sisenohambo oluhle esisazoluhamba.”
USeoposenwe useshaye amagoli angu-21 emidlalweni engu-100 ayidlale kwiBanyana lapho egijima khona ezinhlangothini aphinde adlale naphambili.
Igoli lokuqala walithola ngoMashi 2013, ngesikhathi bedlala neNorthern Ireland kwiCyprus Women’s Cup. Elakamuva ulishaye ngesikhathi behlula iTanzania ngo 3-0 eDar es Salaam ngesonto eledlule. Yena nozakwabo banethuba lokuya kuma-Olympic aseFrance ngoJulayi, uma bedlula kwiNigeria emzuliswaneni wokugcina wokuhlunga.
U-Ellis umbongele uSeoposenwe ngokufinyelela emidlalweni engu-100.
“Ngimjabulele kakhulu uJermaine, ungumdlali oselenzele lukhulu ibhola laseNingizimu Afrika. Uhlezi ezimisele ngaso sonke isikhathi. Ungumdlali ka-10 ukudlala imidlalo engu-100 kwiBanyana Banyana futhi kumfanele,” kusho u-Ellis.
Owayengukaputeni weBanyana, uJanine van Wyk, uthe: “Ngabadlali abafana naye abamelane nobunzima abake bahlangabezana nabo ebholeni labesifazane abagcine befinyelele emidlalweni engu-100 baphinde badlula lapho. Ngimfisela eminye iminyaka enempumelelo eqenjini lesizwe.”
Uhlu lwabadlali beBanyana Banyana asebedlale imidlalo engu-100
n Janine van Wyk - 185
n Noko Matlou - 172
n Nompumelelo Nyandeni - 149
n Nothando Vilakazi - 137
n Refiloe Jane - 134
n Portia Modise - 124
n Mamello Makhabane - 121
n Amanda Dlamini - 105
n Leandra Smeda - 100
n Jermaine Seoposenwe - 100