UMGADLI osemncane weKaizer Chiefs, uWandile Duba, utusa umqeqeshi uNasreddine Nabi, ngomoya wokuphokophela ovunguzayo eNaturena.
IChiefs iqale isizini ka-2024/2025 yeBetway Premiership ngegiya eliphezulu ngokuqoqa amaphuzu agcwele kwiMarumo Gallants nakuMaZulu eThekwini. Ikhale ngaphansi okokuqala kwiMamelodi Sundowns koweligi. Lesi siqalo sithokozise iningi labalandeli baMakhosi abalambele impumelelo kwazise selokhu yagcina ukuqukula indebe eminyakeni eyisishiyagalolunye edlule. Babheke ukuthi uNabi abesule izinyembezi. Ngaphandle kokushintsha kwendlela yokudlala ngaphansi kwalo mqeqeshi waseTunisia, kubonakala umdlandla nokuzinikela enkundleni kubadlali baMakhosi.
UDuba (20) ubalwa nabadlali beChiefs abasebancane abasuka esikimini seDStv Diski Challenge (DDC) abebeyibuka nabalandeli ngesikhathi kuqeqesha uCavin Johnson ngesizini edlule. Nokho ngaphansi kukaNabi, basayidlale yonke imidlalo. Abanye abasathola ithuba ngaphansi kukaNabi nguMduduzi Shabalala oyiqalayo imidlalo noMfundo Vilakazi ongena esiwombeni sesibili.
“UNabi uyakholelwa kubadlali abasebenza kanzima, hhayi abasebancane kuphela. Uma usebenza kanzima uzokudlalisa, akukhathaleki ukuthi umncane noma umdala. UNabi uhluke kakhulu ngoba into ayifunayo amawini kuphela. Ngokomqondo womdlali, akamfuni okuthi uma siqeda ukungenelwa yigoli ahlale phansi kodwa ufuna avuke azithathe,” kusho uDuba.
“Ngingasho ukuthi umqondo wami ushintshile kakhulu. Ngifuna ukusebenza kakhulu manje. Akusho ukuthi ngesizini edlule bengingasebenzi kodwa umqeqeshi ukholelwa kubadlali abazikhandlayo. Manje usuyezwa ukuthi udlalela iKaizer Chiefs, ngifuna ukusebenza ngoba ngidlalela iChiefs. Siyawuzwa ngaphakathi umqondo afune sibe nawo futhi naye uyasitshela ukuthi kumele sikhombise ukuthi singabadlali beChiefs ngokunikeza u-110% ngaphezu kweqembu esidlala nalo.”
IChiefs izobhekana neGallants emdlalweni weCufa Cup eFree State Stadium, eBloemfontein, ngeSonto ngo-3 ntambama. Kulo mdlalo kulindeleke ukuthi uNabi anike ithuba abanye abadlali abangakaze basithole isikimu selokhu efikile eNaturena; okubalwa kubona uMduduzi Mdatsane, Tebogo Potsane, Bruce Bvuma nabanye.