AKAYINGENI eyobukhazikhazi bokuqeqesha kwiDStv Premiership owayengumdlali weKaizer Chiefs, uTlou Molekwane, ongomunye wabaqeqeshi okuqalwe ngabo isikhungo sokuthuthukisa abadlali, iPitso Mosimane Soccer Schools.
Lesi sikhungo esisungulwe ngumqeqeshi uPitso Mosimane, usethule ezinyangeni ezedlule ngaphambi kokuqashwa yi-Al-Ahli Jeddah yaseSaudi Arabia. Uhlose ngaso ukuthuthukisa abadlali kusukela eminyakeni eyisithupha yobudala. Ezinyangeni ezedlule, kuqaliwe ukuthungatha abaqeqeshi abazoba yingxenye yePitso Mosimane Soccer Schools.
UMolekwane (33), owayibamba kwiChiefs nakwiBidvest Wits, uthe ujabule kakhulu ngokungena kulolu hlelo olusezifundazweni ezahlukene. Wathi akanandaba nokuya kwiPremiership lapho okugijimela khona inqwaba yozakwabo abadlale esigabeni esiphezulu.
"Ulayini mude kakhulu wabafuna ukuqeqesha kwiPremiership futhi ingcindezi inkulu kakhulu. Asikho isikhathi sokufunda. Kodwa bonke abantu bafuna ukuya khona. Thina esidlale esigabeni esikhulu kufanele siyoqeqesha ezansi, sifunde.
“Bathi ayikho imali lapha ezigabeni eziphazansi kodwa uyafunda. Uyadinga ukukhula. Ngeke ufunde ngokuhlala esigabeni esikhulu kodwa unganikwa ithuba lokwenza umsebenzi. Uma usucijeke kahle, imali izolandela," kusho uMolekwane.
UMolekwane, oneziqu zokuqeqesha zeCaf D License, uphanyeke amakhokho emgibeni ngo-2018, esedlala kwiBloemfontein Celtic. Uqeqeshe amaqembu aseLimpopo abesifazane adlala kwiHollywoodbets Super League, iFirst Touch Academy neMa-Indies Ladies, ngokwehlukana ngaphambi kokusebenza namaqembu abafana abaneminyaka esukela ku-12.
UMolekwane uyazi kahle inkulisa kwazise uqale kuyona njengomdlali esemncane kwiSuperSport United eneminyaka engu-17 ngaphambi kokufudukela kweyeChiefs adlale kuyona ku-Under 19, wanyuselwa esikimini esikhulu.
"Impilo yasenkulisa ngiyazi kahle. Ngiyathanda ukusebenza nabadlali abasebancane ngoba nami ngidlule khona. Siyizwe kufanele sisebenze kakhulu ekucijezi abadlali bethu besebancane ngoba sisemuva kwamanye amazwe ngokuthuthukiswa kwabadlali.
“Umbono kaPitso muhle kakhulu. Kuyangijabulisa ukusebenza esikhungweni sakhe ngoba siyazi ukuthi mkhulu kangakanani ebholeni futhi ufuna izinto zenzeke ngendlela efanele. Yindawo elungile kimina yokukhula njengomqeqeshi. UPitso akezwani nezindlela ezinqamulelayo. Kimina kuyinto enkulu ukusebenza kulolu hlelo," kusho uMolekwane.