OWAYENGUMGADLI we-Orlando Pirates, uPhumlani “BMX” Mkhize, uthi umqeqeshi waleli qembu, uJose Riveiro, ucasha ngesithupha uma ephika ukuthi iqembu lakhe linenkinga yokushaya amagoli kule sizini.
UMkhize usho kanjena nje, uRiveiro ngenkathi ekhuluma nezintatheli ngemuva komdlalo obuseThekwini emasontweni edlule, uyichithile eyokuthi iqembu linenkinga yokuhluleka wukushaya amagoli.
Kulo mdlalo weDStv Premiership owaphela eZimnyama zibambene ngo 0-0 neRichards Bay FC, ezikaRiveiro zayeka inqwaba yamathuba amagoli, ayengenza izinqobele kalula. URiveiro wakubeka kwacaca ukuthi ihaba labezindaba nje leli, lokuthi kunenkinga phambi kwamapali.
Emidlalweni engu-11 yePremiership, iPirates isashaye amagoli angu-11 kuphela, okuwubufakazi bokuba buthuntu phambi kwamapali.
Umgadli osahamba phambili ngamagoli njengamanje kuleli qembu wuZakhele Lepasa osashaye amathathu emidlalweni yeligi, alandelwe wu-Evidence Makgopa noPatrick Masanganyi ngamabili ngokwehlukana.
“Kufanele ukuba iyamkhathaza umqeqeshi indaba yokwehluleka kwabadlali bakhe ukushaya amagoli, ikakhulukazi abagadli.
Kodwa le yokuthi aphike, iwukucasha ngesithupha nje ngoba kubona ngisho ingane encane manje ukuthi ikhona inkinga.
Ngiyazi ukuthi ukushaya amagoli akusiwo umsebenzi wabagadli kuphela kodwa abagadli bePirates kufanele bazinuke amakhwapha ngempela, babhukulele ukutholela iqembu amagoli ngoba yiwona azowinisa iqembu imidlalo,” kusho uMkhize.
“Kumanje sebeqalile abalandeli ukukhathazeka ngendlela iPirates edlala ngayo muva nje, ngakho umqeqeshi kufanele ashintshe umshovo manje, aqhamuke nezinye izindlela zokuguqula isimo isikhathi singakahambi.
Ukuwina kwakhe i-MTN 8 ngeke kubakhohlise abalandeli ngoba yindebe asebejwayele ukuyiwina.
Balangazelele (abalandeli) okungaphezulu kwe-MTN8. Bafuna ukubona iqembu libuyela kwiCaf Champions League ngesizini ezayo, livikele nesicoco seNedbank Cup. Yiyona nto eyothokozisa abalandeli leyo kule sizini.”
Ukulimala kukaLepasa oqale isizini ethembisa, sekuthwese uMakgopa noKermit Erasmus umthwalo wokushayela iqembu amagoli.
U-Erasmus naye ubonakala esazama ukuthola umgqigqo ngemuva kokubuya ekulimalen. Emidlalweni eyisishiyagalombili asayidlalile kuyo yonke imiqhudelwano akakayiboniswa inethi.
EZimnyama ezisendaweni yesishiyagalolunye kwi-log, zizobuyela ensimini ngomdlalo womkhaya baseSoweto we-DStv Premiership neMoroka Swallows,ngoLwesibili ngo-7.30, e-Orlando Stadium, eSoweto.