Golden Arrows (2) 0
Marumo Gallants (0) 0
ILAMONTVILLE Golden Arrows iqhubeke nomgqigqo omuhle wokuqala isizini icosha amanye amaphuzu amathathu emuva kokubhaxabula iMarumo Gallants emdlalweni weBetway Premiership eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngoMgqibelo ntambama.
Amagoli e-Arrows avalelwe phakathi nguKnox Mutizwa noNduduzo “Sulumane” Sibiya esiwombeni sokuqala.
I-Arrows beyize kulo mdlalo ishayela phezulu kulandela ukubuya namaphuzu amathathu kwiStellenbosch FC FC eyixebule ngo 2-0 eKapa maphakathi nesonto.
Ngakolunye uhlangothi iGallants beyize kulo mdlalo ibuya esibhaxwini sika 2-1 esithole kwiKaizer Chiefs emdlalweni wokuvula isizini ngempelasonto edlule eBloemfontein.
IGallants eqale umdlalo ngesivuthevuthe ihlasela ngamandla yiyona obekufanele ithole igoli kuqala kulo mdlalo ukuba amathuba iwasebenzise ngendlela efanele.
Empeleni ezikaDan Malesela bekumele zihambe phambili ngomzuzu ka-19 ngemuva kokuba ibhola ebelingqomfwe nguVusi Sibiya kade kuyi-free kick eshaywe nguSekela Sithole, lishaye ipali selimdlile unozinti we-Arrows, u-Edward Maova.
Ukulahla amathuba kweGallants kwenze yazisola njengoba i-Arrows ibuye ngamandla ngemizuzu yokugcina yesiwombe sokuqala sezibheke ekhefini. UMutizwa obeshoshela eqhamuka ngasohlangathoni lwesokunxele uthole ibhola emuva kwephutha likaMbhazima Rikhotso, waqeda ngaye ebhokisini, waliqobela phakathi ngomzuzu ka-39.
Igoli lesibili le-Arrows lingene sekusele amanenjana ziye ekhefini ngesikhathi uSibiya engqomfela phakathi ibhola engamakwe muntu ebhokisini kukade kuyi-free kick eshaywe nguSiyanda Mthanti ngakwesokunxele.
Yize ngesiwombe sesibili womabili amaqembu ethole amathuba okufika emapalini, kodwa iGallants yiyona ekhombise ukuba phezudlwana ngomdlalo, futhi yacisha yathola igoli ngomzuzu ka-74 uMaova evimba ibhola elibi ebelidudulwe nguSiyabonga Nhlapho eqhamuka ohlangothini lwesokudla.
Abafana Bes’thende bazobuyela enkundleni ngoLwesithathu sebebhekene neMagesi kowePremiership eMpumalanga Stadium, ngo-7.30 ebusuku.
Emdlalweni olandelayo iMarumo izobhekana neRoyal AM ngoMgqibelo ozayo, eToyota Stadium, eBloemfontein.
Komunye umdlalo wePremiership, iPolokwane City iguqise iMagesi FC ngo 2-0 kowabakhaya baseLimpopo, e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane.