OWABHALISA ngokusemthethweni i-MK Party, uMnuz Jabulani Khumalo, wenze izinsolo zokuthi uNkk Duduzile Zuma-Sambudla, uthunywa umholi we-MK, uMnuz Jacob Zuma, ukuba ahlasele abaholi beqembu.
UKhumalo uthe uZuma uyaye athumele uNkk Zuma-Sambudla ukuba ahlasele noma ngabe ubani asuke engezwene naye.
Ukusho lokhu engxoxweni esabalale ezinkundleni zokuxhumana.
Inkulumo kaKhumalo iqhamuka nje, uNkk Zuma-Sambudla usematheni emva kokuchapha ngenhlamba uNobhala Jikelele we-MK, uMnuz Floyd Shivambu.
UNkk Zuma-Sambudla uze waxolisa kabili ngokwethuka uShivambu.
Esixolisweni sokuqala, akazange axolise kuShivambu kepha waxolisa kuZuma naseqenjini kuphela. Esixolisweni sesibili, uNkk Zuma-Sambudla waxolisa nakuShivambu.
UKhumalo uthe uNkk Zuma-Sambudla usuke ethunyiwe ukuba athuke abaholi beqembu.
“UNkk Zuma-Sambudla akasebenzi yedwa, uZuma uyena omyalela ukuba ahlasele abantu. Uma kukhona umuntu uZuma afuna ukumhlasela, uyaye engazibambeli yena mathupha, uyaye afune umuntu azogadla ngaye. Namanje nje njengoba uDuduzile enza le nto ayenzayo, uthunywe uZuma.”
UKhumalo uthe uZuma wayezenzisa nje ngokuyalela uNkk Zuma-Sambedla ukuba axolise kuShivambu.
“Ufika nje esezenza umuntu olamulayo kanti iqiniso ukuthi uyena owayalela uDuduzile ukuba ahlasele uShivambu. Uzenza isihlakaniphi, uqhamuka eseyalele uDuduzile ukuba axolise ekubeni azi kahle ukuthi uyena owayalela uDuduzile ukuba athuke uShivambu.”
UShivambu waqokelwa kwesikaNobhala Jikelele we-MK emva kokulaxaza i-EFF.
UKhumalo uthe uZuma akajabule ngendlela uShivambu aphethe ngayo, wathi uswele into azomgudluzayo ngayo.
“UZuma uyaye afune umuntu azokwazi ukumlawula. Inkinga yakhe akakwazi ukulawula uShivambu, ingakho-ke manje esehlasela ngoDuduzile.”
Ngesikhathi uKhumalo exoshwa kwi-MK ngonyaka owedlule, wakhala ngoNkk Zuma-Sambudla.
UKhumalo wasola uNkk Zuma-Sambudla ngokuxova iqembu, waphinde wamsola nangokuthi wakokotela incwadi eyayithi uyehla njengomholi weqembu. UKhumalo akucacanga ukuthi unabo yini ubufakazi bezinsolo azenzayo ngoZuma nendodakazi yakhe. Futhi ugcine engatholakalanga ukuba enabe futhi aveze nobufakazi.
Imizamo kaKhumalo yokubuyela kwi-MK yachithwa ezinkantolo.
Imizamo yokuthola ukuphawula kokhulumela i-MK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, ayizange iphumelele.
Ngeledlule, i-MK yakhipha isitatimende lapho khona yachitha eyokuthi kunombango wokuhola le nhlangano.