“YAAAAAAAAAASHO leyo nto! Ngiyaboooonga maBhakabha! Yadlaaaaaala iBhakhaniya! Namhlanje kudlala i-team enkulu! Wozani nonke nizobuka i-team enkulu. Ngiyabonga madoda!”
Lawa ngamanye amatemu avame ukushiwo wumfanyana u-Owami Hlengwa, osezakhele udumo ezinkundleni zokuxhumana ngokuba wumlandeli wokuqina weqembu i-Orlando Pirates, lapho evame ukwenza ama-video eyibongela njalo uma inqobile futhi enze namanye eyikhomoza njalo uma izodlala.
Lo mfana (4) waseMayville, eThekwini, uduma kanjena nje, waqala ukubonala ezinkundleni zokuxhumana ngama-video awenza nomunye womkhulu bakhe bencokola. Ugqame kakhulu kwi-TikTok lapho enabalandeli abangaphezu kwa-160 000 nama-views angaphezu kwa-2 million.
Engxoxweni neSolezwe, umkhulu walo osaziwa ngelikaNjayami ezinkundleni zokuxhumana, uMnuz Senzo Hlongwa, uthe nakuba okwamanje kungekho okungako abakuzuzayo ngalama video omzukulu wakhe, kodwa kuyabajabulisa ukubona indlela abantu abamthanda nabamthakasela ngayo njalo uma bembona.
Uthe uthando lwebhola nolweziMnyama kumzukulu wakhe luqale ukuvela ngoba ubevame ukuhamba naye ukuyobuka ibhola uma kunemidlalo eseMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
“Kuthe ngenkathi kunqoba eZimnyama emdlalweni wamanqamu we-MTN8 ngonyaka odlule, wakhombisa ukulithanda kakhulu leli qembu, ehlala elincoma, elibabaza futhi ejabula njalo uma linqobile. Yilapho enginqume khona ukuqhubeka nama-video, sagxila kakhulu kulawo asuke encoma khona iqembu lakhe uma lizodlala noma uma linqobe umdlalo othile,” kusho uHlongwa.
Uthe beqala ukwenza ama-video amancoko nomzukulu wakhe, wayeneminyaka emibili ngaleso sikhathi engaziwa wumuntu njengoba manje sekunzima ngisho ukuhamba naye ezitolo ngoba akwenzeki bangamiswa wumuntu endleleni ebajabulela.
“Baningi nabanye osaziwayo asebeqalile besithinta, bemncoma kubalwa nomrepha uBig Zulu esesike samhlanganisa naye, wamthengela izimpahla zokugqoka, futhi wamupha u-R5 000. Kanjalo nephini lomqeqeshi we-Orlando Pirates uMandla Ncikazi useke wasithinta, wasitshela ukuthi kusazohlelwa ukuthi sihlangane naye maduze ngoba bayamthanda,” usho kanje.
Uthe nakuba bekuqonda ukuthi useyohlale edumile kanjena, futhi baningi nabasazobathinta bebacela izinto ezithile, nokusebenza naye kepha abazukujaha ngoba usemncane, akakaqali kwakufunda esikoleni.
“Inhloso yethu siwumdeni wakhe wukumkhulisa kahle, simsize kukho konke akufisayo ikakhulu ibhola ngoba kubukeka engathi wumdlalo awukhonze kakhulu ukuwudlala,” kubeka uHlongwa.