AZOQALA kulo nyakamali amaphoyisa ukudlubha inyufomu yawo enamakhamera ukuqinisa izinhlelo zokulwa nobugebengu kuleli.
Lokhu kuvele empendulweni kaNgqongqoshe wamaPhoyisa kuleli, uMnuz Senzo Mchunu, ephendula ilungu le-DA ePhalamende, uMnuz Mzamo Billy.
UBilly ubefuna ukwazi ukuthi luqala nini uhlelo lokuthi amaphoyisa adlubhe namakhamera kwinyufomu yawo.
Uthe bayajabula ukuthi uMchunu ugcine evumile ukuthi luqalwe lolu hlelo kulo nyakamali, oqala ngo-Ephreli.
UMchunu uthe amaphoyisa azoqala athenge amakhamera angu-100, azodla u-R28 818 iyodwa.
Uthe njengoba ezothengwa kancane kancane azokwazi ukuthi adluliselwe ezinhlakeni ezehlukene.
“Isabelomali samaphoyisa singaphansi kwenkulu ingcindezi ngenxa yezinye izidingo. Abalulekile ukuthi wona abekhona kodwa kubhekelwe nezinye izidingo,” kusho uMchunu.
UBilly uthe ngonyaka la makhamera azodla u-R2 881 800.
“Eminyakeni emihlanu kuzoba ngu-R14 409 000. Yize inkulu le mali kodwa lolu hlelo luzothela izithelo uma lusebenza ngendlela elindelekile,” kusho uBilly.
Uthe noma sisincane isibalo samakhamera azothengwa njengoba amaphoyisa engu-179 000, kodwa kumele kube nezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi lezi zinsiza azilahlekile, kazebiwa noma zilimale.
“Kumele kube nezindlela zokuhlale sazi ukuthi zikuphi ngaso sonke isikhathi lezi zinsiza. Sinxusa uMchunu ukuthi asheshise ukuwathenga aphinde akhishelwe amaphoyisa. Awaqeqeshwe amaphoyisa ngokuwasebenzisa ukuze kuqiniswe impi yokuvikela umphakathi.”
UBilly uthe bazohlala amagqozo abaholi bamaphoyisa ukuthi baqinisekise ukuthi lolu hlelo luba yimpumelelo.
“Asifuni ukuthi kugcine kube wuhlelo nje olunganyakazi, bese kuphulwa isethembiso emphakathini. Sikholwa ngukuthi amakhamera azoveza konke okwenzeka nsuku zonke ukuze umphakathi ukwazi ukwethemba amaphoyisa,” kusho uBilly.
Uthe azovikela ekutheni amaphoyisa aboshelwe amacala ekubeni abezivikela.
Kwamanye amazwe amaphoyisa akhona ayawagqoka amakhamera.