UMDLALI weBafana Bafana, uNjabulo Blom, ufuna ukuyenza isitebhisi iligi yase-United States of America (USA) asezakhele udumo kuyona.
UBlom, odlalela iSt Louis City SC kwi-US Major League Soccer (MLS), ushiye iKaizer Chiefs nyakenye emuva kokungavumelani nayo ngenkontileka entsha.
Ngaphansi komqeqeshi waseMzansi, uBradley Carnell, uBlom oyibamba esiswini usephenduke undabuzekwayo e-USA.
Ezinyangeni ezedlule, iCity iveze ukuthi kwenyuke kakhulu ukuthengwa kwamajezi aleli qembu abhalwe igama likaBlom osanda kushaya igoli lakhe lokuqala esigabeni esikhokhelayo.
UBlom ekhuluma esithangamini sabezindaba seSafa, uthe inhloso yokudlala kule ligi wukuqhubekela phambili kumaligi aphezulu emhlabeni.
"Bekunzima ezinyangeni ezimbalwa zokuqala. Kodwa manje sengihlale eziyisishiyagalombili. Ngiyayithanda indlela izinto ezenzeka ngayo laphaya.
Isimo sakhona, ukuziqeqesha nakho konke. Abantu abaningi bathi iligi yase-US ayiqinile kangako. Kodwa ngicabanga ukuthi lokho ukubona uma usufike khona.
Sekuyophela unyaka ngilaphaya, yiligi eqinile ngenxa yabadlali base-Europe abafikayo kuyona nabaseSouth America. Bayenza iligi iqine. Inhloso yami ngesikhathi ngiya e-US bekuwukuyisebenzisa njengesitebhisi sokufika emaligini amakhulu e-Europe nokukhula njengomuntu.
Iyisitebhisi esihle, ikakhulukazi uma uphuma e-Africa. Yiligi enhle," kusho uBlom.
UBlom usekhempini yeqembu lesizwe, iBafana Bafana elungiselela imidlalo emibili yobungani. Lizogadulisana neSwatini eFNB Stadium ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama.
Emuva kwalokho lizovakashela i-Ivory Coast ngoLwesibili. Elakuleli lizicijela imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezoba ngoNovemba nomqhudelwano i-Africa Cup of Nations ezoba se-Ivory Coast ngoJanuwari.
UBlom ubuye wacacisa nangokushiya kwakhe iChiefs.
"Konke kuqale ngoNovemba (nyakenye) ngisazama ukucabanga ukuthi ngizoyaphi ngoba izinto bezingezinhle phakathi kwami neChiefs ngokwenkontileka.
Imenenja yami yangitshela ukuthi kukhona iqembu e-US elingifunayo. Ngacabanga ukuthi lizongilungela, ikakhulukazi njengebhuloho elizongiwezela e-Europe.
Ngahlala phansi nabazali, sakhuluma ngakho, sabona ukuthi kuzongilungela ukuya kulona njengomuntu nokuphuma ekunethezekeni," kusho uBlom.s