UKHUMBUZE abadlali bakhe umqeqeshi weCape Town Spurs, uShaun Bartlett, ngobumqoka bokungakhohlwa ukuthi kusenemizuzu engu-90 ebalulekile empilweni yabo okusafanele bayilwe ne-University of Pretoria kowokusonga iMotsepe Foundation Championship ngeSonto ngo-3 ntambama e-Athlone Stadium, eKapa.
ISpurs iya kulo mdlalo iqhwakele kwi-log ngamaphuzu angu-56 ngakho idinga ukuwaqoqa wonke amaphuzu kwiTuks ukuze izifake kwiDStv Premiership ngesizini ezayo.
EzikaBartlett zizibeke kule ngqayizivele yethuba ngokunqoba kwiNB La Masia FC ngesikhathi esifanayo iCasric Stars yabanjelwa ekhaya yiVenda Football Academy.
iCasric ibe seyehlela endaweni yesibili ngamaphuzu angu-55. Endaweni yesithathu kukhona iPolokwane City enamaphuzu angu-54.
Konke kubukeka kuvuna iSpurs kwazise iwudlalela ekhaya umdlalo wayo omqoka kunayo yonke namaTuks aseke awaqeqesha uBartlett.
Ngesikhathi ekhuluma neSolezwe eqeda ukubuyela esicongweni emdlalweni obuseDobsonville Stadium, eSoweto, uBartlett uxwayise ngobungozi bokuya emdlalweni kuyibona abathwelwe ngeqoma.
“Bangijabulise kakhulu abadlali bami kodwa iqiniso ukuthi uma uMdali esevumile akekho ongaphikisa,” kusho uBartlett oseke wakhuphulela iLamontville Golden Arrows esigabeni esikhulu eyisusa kulesi seMotsepe isasibizwa ngeNational First Division.
“Obekusemqoka ukuthi thina sinqobe owethu umdlalo ngoba ukubheka eminye imiphumela ungaqedile ngowakho kuyingozi.
“Konke kusezandleni zethu ngakho-ke kufanele siqhubeke nokuhlonipha umhlaba okuhlanganisa nezitha zethu esizobhekana nazo ngeSonto.
“Isikwati sethu siqine ngale ndlela yokuthi singabhekana nanoma iliphi iqembu kodwa kukhona abathile engingeke ngibasebenzise ngeSonto ngenxa yezigwebo zamakhadi.
“Konke kubukeka sengathi kuvuna thina kodwa lokhu kuhamba nobungozi ngoba abadlali bavele bakufake ekhanda bese bekhohlwa ukuthi kusenemizuzu engu-90 esele.
“Le mizuzu imqoka kithina ngoba ishintsha izinto eziningi okuhlanganisa nempilo yethu. Kuzobaluleka ukuthi ngigxile emiqondweni yabadlali kuleli sonto ngoba liyingozi ikakhulukazi njengoba konke kusezandleni zethu ekubeni sisekhaya.
“Abadlali bangabafana abancane ngakho-ke kungumsebenzi wami ukubaxwayisa ngalobu bungozi obuhambisana nokuthwalwa ngeqoma,” kusho uBartlett okholelwa ekutheni uma konke bezokwenza ngendlela abebevele benza ngayo kule sizini, maningi amathuba okungena ezweni lesethembiso.