UMQEQESHI weStellenbosch, uSteve Barker, ubashayela ihlombe abadlali bakhe ngokudlala ibhola elinenkosi phakathi nakuba kuphuke irekhodi labo beshaywa yiqembu le All Stars XI koweCarling Black Label Cup ngempelasonto edlule.
Kulo mdlalo obusePeter Mokaba Stadium, i-All Stars ebicijwa uJose Riveiro we-Orlando Pirates, inqobe ngo 2-1 wamagoli kaMfundo Vilakazi no-Ashley Du Preez beKaizer Chiefs.
Elokubika leStellies engompetha beCarling Black Label Knockout, linamathiselwe enethini uMervin Boji obesuka ebhentshini.
IStellies bese kuphele imidlalo ewu-11 ingawazi umpetshisi. Emdlalweni wamanqamu eCarling KO ishaye iTS Galaxy sekukhahlelwa amaphenathi. Kwegcine ukuwudlala weligi, ihlule iPirates.
Ngempelasonto edlule, iStellies beyithwele kanzima njengoba iqembu le-All Stars belibophele zonke izingwazi zabadlali bamaqembu ehlukene agijima kwiDStv Premiership. IStars besiholwa u-Itemeleng Khune ongunozinti weKaizer Chiefs.
UBarker uthe baye kulo mdlalo bazi kahle ukuthi bazothwala kanzima.
Ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo, ubengaphezi ukubonga amasosha akhe ngokuyibamba ishisa.
"Angazi ukuthi leli qembu labadlali bami ngingalichaza ngithini. Lakhiwe yizinyamazane zabadlali. Angibasoli nakancane ngokudliwa yileli qembu lekhethelo. Kuhlale kunzima ukudlala eyamanqamu. Sizame ngakho konke ebesinakho, yikho nje ukuthi besingekho bukhali phambi kwamapali," kubeka uBarker.
Uqhube wathi: "Bekuyisifiso sethu ukuqhubeka nerekhodi lokungehlulwa. Ngeshwa ligcine liphukile. Ngeke siphele amandla, sizoqhubeka nokusebenza kanzima".
Kuvalwa imidlalo yeligi, ezikaBarker bezishisa zingabaselwe.
Ziye emaholidini zilele kweyesine ngamaphuzu awu-26, emidlalweni ewu-15.
Zizoze zibuyele ensimini ngoFebhuwari 13, zibhekene naMaZulu FC, ekhaya eDanie Craven Stadium.
Leli khefu elide lidalwa i-African Cup of Nations (Afcon), eqala ngoJanuwari 11, e-Ivory Coast.
UBarker uthe leli khefu lifike ngesikhathi esifanale.
"Sidlale kahle kakhulu ne-All Stars. Sibe neminyakazo emihle kakhulu. Nakuba kunjalo kodwa kuningi engikuqaphelile. Ukufika kwe-Afcon kube kuhle kakhulu. Sizokwazi ukuqinisa amabhawodi axegayo," kuphetha uBarker.