ILULAMELA esibhedlela inngqwele yomqeqeshi okuyiyo yodwa esike yanqoba isicoco neBafana Bafana, uClive Barker, emuva kokuhlinzwa ngenxa yokumila amapapamuzi emithanjeni yegazi (aneurysm).
Konke lokhu kuqinisekiswe ngumndeni wale nkakha yaseThekwini, ngoLwesine ngesitatimende.
“UClive uhlinziwe ukubuyisela kokwejwayelekile ukuhamba kwegazi emithanjeni lisuka enhlizweni lisabalale emzimbeni wonke, nokudalwe wukuvuvuka kwemithambo,” kusho isitatimende somndeni.
“Kuyimanje uselulamela esikhungweni esifanele (Step Down Facility) ngethemba lokuthi uzobuyela ekhaya kungekudala.
“Ukwamukela ngamancoko ukwelashwa, kwazise uke wazwakala ethi: ‘Ngizizwa sengathi ngikwenye yizenkambu esasiye sibe kuzo silungiselela ukuqala kwesizini lapho abadlali bami okwakudingeka beqinisele khona uma beqeqeshwa yimi.’.
“Umndeni wakwaBarker ufisa ukudlulisa amazwi okubonga kodokotela nabanye ongoti bezempilo ezibhedlela ezimbili, iSt Augustine ne-Entabeni, abasebenzi ngokuzikhandla belapha uClive.
“Sithintwe kakhulu yimithandazo nokwesekwa okuvela kwabasemkhakheni (webhola), abadlali, abangani nabalandeli.
“Siyaqonda ukuthi kubalulekile kubantu ukwazi ngempilo kaClive kodwa umndeni ubucela ukunikwa ithuba lokuthula kulesi sikhathi.
UBarker (78) uzakhele ugazi enqoba i-1996 Africa Cup of Nations neBafana nokulandelwe ewukuthi abe ngumqeqeshi wokuqala ukuyifaka kwiFifa World Cup, ngeka-1998 eyayiseFrance.
Lelo rekhodi limshiye engumqeqeshi ohamba phambili ukubedlula bonke emlandweni weBafana kanti ayancomeka amagalela akhe nakuMaZulu FC nakwiDurban Bush Bucks.
Amanye amaqembu ake wawaqeqesha eminyakeni engaphezulu kuka-50 eyibambe kulo mkhakha, yiSantos, Bidvest Wits, Mpumalanga Black Aces neMaritzburg United.