Umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker, uthe yize edumele ngokushiywa yizethenjwa zakhe uDeano van Rooyen no-Iqraam Rayners abesezibhalisele ukudlala emqhudelwaneni weConfederation of African Football (CAF) kodwa akusasizi ukukhalela ubisi oseluchithekile, impilo kumele iqhubeke.
UVan Rooyen oyisiqongqwane sasemuva nobengukaputeni waleli qembu laseStellenbosch, usanda kusayiniswa yi-Orlando Pirates, kwathi uRayners ongumgadli ovutha uphondo noshaye amagoli angu-15 ngesizini edlule, wasayiniswa yiMamelodi Sundowns.
Ukushiya kwalaba badlali abebeyizinsika zaleli qembu, kwenzeke ngesikhathi esibi njengoba leli qembu lilungiselela ukuyoyibamba okokuqala emqhudelwaneni weCaf Confederation Cup, ekubeni newindi lokubhalisa abadlali kwiCaf kulesi sigaba semidlalo yokuqala yokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo, selivaliwe.
IStellenbosch izobhekana neNsingizini Hotspurs yaseSwatini emdlalweni womlenze wokuqala wesigaba sokuqala sokuhlungela ukungena kwesamaqoqo, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, namuhla ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
“Impela ukuhamba kwabo kwenzeke ngesikhathi esibi. Bese sihlelile, sesibabhalisile nakwiCaf ngenhloso yokuthi badlali kule midalo. Nokho siyiqembu elingapheli amandla, elikwaziyo ukunqoba izithiyo nezinselelo esibhekana nazo. Siyiqembu elihlale livulela amathuba abadlali futhi sisazobavulela nabanye, njengoba uDeano ongowase-Idas Valley eselandele iphupho lokuyodlala eqenjini akhula efisa ukulidlalela (iPirates).
Ngakho-ke sibafisela inhlanhla lapho beya khona bobabili abadlali bethu asebehambile. UDeano ubesebe yingxenye yeqembu isikhathi eside, ewa evuka neqembu. Ngakho leli yithuba eliyingqayizivele kuyena, ngakho siyambongela kakhulu,” kusho uBarker ephefumula okokuqala kwabezindaba ngokushiywa ngabadlali bakhe abamqoka.
Uqhube wathi: “Silindele umdlalo ongelula neze kwiNsingizini Hotspurs, yize singakaze sibhekane nayo phambilini kodwa sesike sawabuka ama-video ayo, ngakho siyakwazi esikulundele kuyona. Baqede isizini besendaweni yesithathu kwi-log yeSwatini Premier League ngesizini edlule. Lokho kuyinkomba yokuthi bayiqembu elilambele impumelelo.”
Ngakolunye uhlangothi, umqeqeshi weNsingizini, u-Alexio Segion, uthe kusho lukhulu kubona njengeqembu ukubamba iqhaza okokuqala kulo mqhudelwano weCaf Confederation Cup, ikakhulukazi njengoba beyobhekana neqembu elihamba phambi eNingizimu Afrika, iStellenbosch FC.
“Yize kubukeka inkonyane ingeke ithuke isisinga kithina ngokudlalela la eThekwini njengoba sesidlale imidlalo eminingana yobungani namaqembu akulesi sifundazwe saseKZN kodwa siyazi ukuthi lo mdlalo esiyowudlala weCaf Confederation neStellenbosch ungohluke kakhulu, ngakho siwuhlelele ngendlela ehlukile,”kusho uSegion.