UMQEQESHI weStellenbosch, uSteve Barker, uthandazela ukuthi aqhubeke nokushaya amagoli umgadli wakhe, uLehlohonolo Mojela noma sebebhekene ne-Orlando Pirates, kowamanqamu eMTN8, ngoMgqibelo, ngo-6 ntambama, eMoses Mabhida Stadium.
Kubukeka uMojela efike kwiStallies wangena khaxa esitayeleni sikaBarker. Ngesizini edlule ubedlala kwiTS Galaxy.
Ngempelasonto edlule, emdlalweni wakhe wokuqala weligi, uyena obone kuqala imbobo yepali, bebambana ngo-1-1 nePolokwane City, eLimpopo. Bekuyigoli lesihlanu emidlalweni eyisishiyagalombili.
Ushaye amathathu kwemine yokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo eCaf Confederation Cup, nelilodwa emlenzeni wesibili owandulela owamanqamu eMTN8. Ngesizini edlule ushayele iGalaxy ayisikhombisa emidlalweni ewu-34.
Uyena futhi ngesizini edlule owaqala ukubhakuzisa inethi iqembu lakhe elidala lidliwa iStellenbosch kumaphenathi kowamanqamu eCarling Black Label Knockout, khona eMoses Mabhida.
Ngemuva komdlalo wePolokwane, uBarker ubengawuvali umlomo ngoMojela.
"Kuyinto enhle ukuthi uyaqhubeka nokuqhulula amagoli njengoba sibheke kowamanqamu eMTN8. Lokhu kuzomnika ukuzethemba. Lo mfutho namandla anako ngikudinga nangoMgqibelo. Ushaye igoli elihle sibhekene nePolokwane," kubeka uBarker.
Ngempelasonto edlule uMojela uthole ikhadi eliphuzi umdlalo usanda kuqala. Lokhu kuholele ekutheni uBarker amkhiphe ngomzuzu ka-71.
"Sibheke emdlalweni onzima, bekumele ngimvikele uMojela. Bekungenzeka aphinde athole elinye ikhadi."
Lo mqeqeshi ukuphikile ukuthi abadlali bakhe bebedlala nePolokwane emakhanda abo kuduma owePirates.
"Yonke imidlalo ibalulekile, imiqondo yethu beyigxile ngokuphelele kowePolokwane. Kunzima ukuyodlala ngeSonto, ePolokwane enkundleni enabalandeli abancane. Besiwafuna amaphuzu amathathu. Nginesiqiniseko sokuthi ukugcwala kwenkundla ngoMgqibelo (eMabhida) kuzobagqugquzela abadlali bami," kusho uBarker.
KowePolokwane uthe bashaywe ukuthi bebeya ngobuningi phambili bese emuva basale bevuleka.
"Siphinde sathola amathuba amaningi esihlulekile nokho ukuwasebenzisa. Lokhu kuzomele sikulungise ngaphambi kokufika kowamanqamu eMTN8."