UYABALISA umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker, ngakubiza ngosizi lokuqhwagwa abadlali abasuke beyizinsika, athi lubhekene namaqembu abukwa njengamancane kwiPremier Soccer League (PSL).
Ngokusho kukaBarker, kuliphazamisile iqembu lakhe ukungabibikho, kukaSibongiseni “OX” Mthethwa, osayiniswe yiKaizer Chiefs ngesikhathi bekhishwa yi-Orlando Pirates kowandulela owamanqamu we-MTN8 ngempelasonto edlule, yize bewunqobile umlenze wesibili odlalelwe eSoweto.
Ngaphandle kwalesi senzo samaqembu athathwa njengamakhulu, uBarker asichaze njengobubhoklolo, ubuye wakhala nangokwengezwa ngezinsuku ezingu-22 ukuvuleka kwewindi lokuhwebelana ngabadlali, elisongwe ngoSepthemba 22 kuleli.
Ngenxa yezinkinga ezilandele ukuhlasela kwe-Covid 19, i-Fifa ivumele amaligi ukuthi andise isikhathi sokuvuleka kukaphawini wokudayiselana ngabadlali.
UMthethwa ungomunye wabadlali abashiye amaqembu abebeqale kahle kuwona kule sizini, okuyimbangela yalokhu kubalisa kukaBarker.
“Akulula ukukhuluma ngokwenzekile njengoba bekuvuleke iwindi ngoba sihanjelwe omunye wabadlali abebemqoka cishe kunabo bonke eqenjini,” kusho uBarker.
“Ukuvuleka kwewindi isikhathi esengeziwe kusibulele kodwa vele lesi yisifo esibhekene nawo wonke amaqembu athathwa njengamancane.”
Ngemuva kwesikhath eside ikhulunywa ekaMthethwa neChiefs, lo mdlali ugcine esayina sekubalwa izinsuku kuvalwe iwindi.
“Ngisho isizini ungayiqala kahle kodwa uma kula maqembu athathwa njengamakhulu kungazange kuqale ngendlela abebefisa ngayo, bayabuya bazatomula kulawa athathwa njengamancane ngenhloso yokuwaqhwaga abadlali njengoba kwenzekile nakithina.
“Angikhali kangako ngoMthethwa kepha ngimfisela inhlanhla. Sebekhona vele asebesiphakamisile isandla baziveza ukuthi bangasivala isikhala sakhe njengoNduli (Sihle),” kulandisa lo mqeqeshi.
UBarker ubalisa kangaka nje, umelwe umqansa wokuyozama ukuba yiqembu lokuqala ukuguqisa iMamelodi Sundowns kwi-DStv Premiership emuva konyaka ingayazi induku.
La maqembu azogadulisana namuhla ngo-7.30 ebusuku eLucas Moripe Stadium.
Konke lokhu kumele akwenze ngaphandle kwezithenjwa ezingo-Iqraam Reyners, Fawaaz Basadien noDeano van Rooyen bonke abalimele. UJayden Adams naye omqoka, usesigwebeni samakhadi.
Ukaputeni weSundowns, uThemba Zwane, uthe kabalindele umdlalo olula kwiStellies
“Asingabazi ukuthi kuzoba wumdlalo onzima ngenxa yejubane leStellies nangendlela abavala ngayo emuva. Bayiqembu elihlale njalo lizama ukuzibeka emathubeni ngakho-ke kusemqoka ukuthi siligcine kithina ibhola ngaso sonke isikhathi.
“Sibabuke kahle bebhekene nePirates ngeledlule ngakho-ke siyazi ukuthi siyosebenza yize sisekhaya.
“Ngabe senza iphutha uma singaya kulo mdlalo sizithele ngabandayo ngoba kunzima ukudlala nabo futhi nendlela uBarker asibophela ngayo isikimu iyaziwa,” kusho uZwane ethimbeni labezindaba leSundowns.