UMQEQESHI weSekhuhune United, uBrendon Truter, ushweleza kwiSouth African Football Association (Safa) ukuthi ibalamulele bengabaqeqeshi kwiDStv Premiership konondweba bayo athi babenzela phansi.
USiyabonga Nkomo, obephethe umdlalo phakathi kweMoroka Swallows ne-United, kudingeke ukuba aphume enkundleni eseqashiwe bemjikijela abalandeli beSekhukhune.
Lo mdlalo weDStv Premiership, uphele ngo 2-1 kunqoba Izinyoni, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane ngoLwesithathu.
I-Swallows ivule inkundla ngoLindokuhle Mbatha ngaphambi kokuthi alinganise, uChubuike Ohizu esiwombeni sokuqala.
Ngesikhathi kubukeka sengathi la maqembu azocazelana ngamaphuzu, uNkomo uvume igoli (athe umkhonto ogwaze ekhaya), ngemuva kokuthi unozinti weSekhukhune, u-Ali Badra Sangare, ebambe ibhola esemoyeni, wadudulelwa enethini wumgadli weSwallows, uGabadinho Mhango, ngomzuzu ka-94.
Kusuke esinamathambo kuwona womabili amabhentshi ala maqembu, kubangwa lesi sinqumo, kwaze kwavela ikhadi eliphuzi, kuMusa Nyatama, oyiphini lomqeqeshi weSwallows, uSteve Komphela.
“Angikuphasisi okwenziwe ngabalandeli futhi ngiyazi ukuthi iqembu lizothatha izinyathelo ezifanele futhi angibasoli kangako ngoba okwenzekile kuyaliphoxa ibhola lakuleli,” kusho uTruter kwabezindaba emuva komdlalo.
“Akekho ongabonanga ukuthi unozinti wethu ulibambile ibhola, wase edudulelwa enethini. Ezimweni ezinjena wuthembela kunondweba ukuthi asebenzise umthetho kodwa kulokhu akakwenzanga lokho.
“Kubuhlungu ukulahlekelwa ngamaphuzu ngale ndlela ngoba wonke umsebenzi esiwenza singabaqeqeshi maphakathi nesonto, udicileleka phansi kalula njengoba kwenzekile.
“Muva nje, iManchester United inqobe ngo 1-0 kwiWolves ngenxa yephutha likanondweba kwiligi enkulu yase-England.
“Lokhu kulandelwe wukuthi bahlawuliswe bonke abebephethe umdlalo, ngisho nabebekwiVideo Assistant Referee (VAR) ngokungaliboni leli phutha ebelisobala.
“Ngiyashweleza kwiSafa, ukuthi isibheke nathi ngoba kunzima ukwamukela umphumela owenziwe yisandla somuntu okunguyena okufanele anihole ngokulandelwa komthetho,” kubalisa uTruter.