AMAGALELO kaJurgen Klopp, akungatshazwa ukuthi abeka ingcindezi kunoma yimuphi umqeqeshi ozovala isikhala sakhe kwiLiverpool, nokuyinto eyenza u-Arne Slot osanda kuthatha izintambo kuleli qembu kubhekwe ngabomvu ukuthi yini eza nayo.
UKlopp (56) ubeseqede amasizini ayisishiyagalombili nohhafu kuleli qembu lase-Anfield, e-England. Ulinqobele izicoco eziyisishiyagalombili okubalwa eseligi nese-Uefa Champions League. Ushiye kuleli qembu ngasekupheleni kwesizini esanda kusongwa ebeka isizathu sokuthatha ikhefu ekuqeqesheni.
Isikhala sakhe sivalwe uSlot osuka kwiFeyenoord yaseNertherlands, oza kwiLiverpool esanqobe izicoco ezimbili naleli qembu laseNertherlands.
USlot (45) bese eqeqeshe amasizini amathathu kwiFeyenoord ebalwa namanye amaqembu ahlonishwayo eNertherlands. Uqokwe phakathi kwabaqeqeshi abebegaqele isikhundla sokuqeqesha leli qembu, okubalwa kubo uRuben Amorim oqeqesha iSporting Lisbon yasePortugal.
USlot odlale emaqenjini ehlukene aseNertherlands okubalwa kuwona i-FC Zwolle, NAC Breda nePEC Zwolle, uqale ukuqeqesha njengephini lomqeqeshi kwiSC Cambuur ngaphambi kokudlulela kwi-AZ Alkmaar.
KukwiFeyenoord ayijoyine ngesizini ka-2021/22, lapho efike wakhipha khona amangwevu kuleli qembu alisize laqeda endaweni yesithathu kwi-log ye-Eredivisie okuyisigaba esikhulu sebhola eNertherlands.
Kwathi ngelandelayo ka-2022/23 wanqoba isicoco sakhe sokuqala seligi ye-Eredivisie, okuholele ekuzibekiseleni indawo kwi-Uefa Champions League lapho bephume esigabeni samaqoqo.
Kweka-2023/24, unqobele iFeyenoord isicoco se-KNVB Cup waphinda wayisiza ekuzibekiseleni indawo kwiChampions League iqeda endaweni yesibili ngemuva kwePSV.
Lo mqeqeshi osehlabane amahlandla amabili ngomklomelo weManager of the Year Eredivisie, okusho umqeqeshi wonyaka, izingqapheli zebhola zaseNertherlands zimthatha njengomunye wabaqeqeshi abasezingeni eliphezulu asebeke baqeqesha iFeyenoord.
Unconywa ngokuba ngumqeqeshi okwazi ukuhlanganisa abadlali abanegama nabasakhula, nodlala ibhola lokuhlasela nelidla utshani, nokuyikho okumenza athwalwe ngeqoma ekuthatheni isikhundla sokuqeqesha iLiverpool ebalwa namaqembu amakhulu nahlonishwayo kwi-English Premier League.
USlot ujoyina i-The Reds esiphunyukwe yisicoco sePremier League amasizini amane elandelana kusukela yagcina ukunqoba lesi sicoco ngesizini ka-2019/20.
Bakhona abanye abaqeqeshi abadabuka eNertherlands asebeke baqeqesha emaqenjini ePremier League eminyakeni edlule, okubalwa kubo uLouis Van Gaal owaqeqesha kwiManchester United, Guus Hiddink owake waqeqesha iChelsea, nabanye.
Nokho, njengamanje uSlot ujoyina u-Erik ten Hag okunguyena kuphela njengamanje umkhaya wakhe kwiPremier League oyibambe kwiManchester United nosanda kunqoba isicoco seFA Cup.
Umbuzo omkhulu owokuthi ngabe uSlot uzokwazi ukubuyisa izinsuku ezimnandi kwi-The Reds? - Olunye ulwazi lucashunwe kwiWikipedia nakwiGiveMeSport